Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 2:12 - IsiZulu 2020

12 Ngiyakucekela phansi imivini yakhe nemikhiwane yakhe, athe ngakho: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginike yona izithandwa zami;’ ngizokwenza kube yihlozi, izilwane zasendle zikudle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngiyakuchitha imivini yakhe nemikhiwane yakhe ashilo ngakho, wathi: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginikile yona izithandwa zami;’ ngiyakukwenza kube yihlathi, izilwane zasendle zikudle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Njalo ngizachitha izivini zakhe lemikhiwa yakhe athi ngayo: Lezi ziyimivuzo yami ezinginike yona izithandwa zami; futhi ngiyoyenza ibe yisihlahla, futhi izilo zasendle ziyoyidla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 2:12
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uludilizeleni uthango lwawo, baze bawukhe bonke abadlula ngendlela na?


ILebhanoni alizukuphenduka yini maduzane nje libe yinsimu yezithelo, kuthi nensimu yezithelo ibe yihlathi na?


Ngakho-ke manginitshele engizokwenza esivinini sami: ngizosusa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngibhidlize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


Kuyothi ngalolo lusuku yonke indawo lapho bekumila khona imivini eyinkulungwane, ithengise inkulungwane yezinhlamvu zesiliva, kumile ameva namakhakhasi.


Ngizakuphenya isidwaba sibe sebusweni bakho, bubonakale ubunqunu bakho.


“UMikha waseMoreshethi waphrofetha ezinsukwini zikaHezekiya, inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “ ‘IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’


Siyakudla isivuno sakho nesinkwa sakho, sidle amadodana namadodakazi akho, sidle izimvu zakho nezinkomo zakho, sidle imivini yakho nemikhiwane yakho, sibhubhise ngenkemba imizi yakini ebiyelweyo enethembele kuyo.


“ ‘Bengizobutha nokubutha, kepha awekho amagilebhisi namakhiwane emkhiwaneni; amaqabunga abunile engabanika khona bakwephuciwe,’ ” kusho uSimakade.


Ngiyakubathelekela njengebhele eliphucwe amazinyane alo, ngibadabule isifuba esivikele inhliziyo yabo, ngibashwabadele lapho njengebhubesi, isilwane sasendle sibanephunephule.


Unina wazifebela, wabakhulelwa ngokwenza ihlazo, ngokuba wathi ngizakuhamba ngilandele izithandwa zami, ezingipha isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi lami, amafutha ami nokuphuzwayo kwami.


Ngokuba Mina ngiyakuba njengebhubesi ku-Efrayimi, nanjengebhongo lebhubesi kuyo indlu kaJuda. Mina luqobo, ngiyakubadwengula, bese ngihamba; ngiyakubathatha kungabi bikho obahlengayo.


Israyeli, ungajabuli, ngokuthokoza okufana nokwabezizwe, ngokuba uzifebele wena, wahlubuka kuNkulunkulu wakho, wathanda inkokhelo yesifebe kuzo zonke izibuya zokusanhlamvu.


Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka