Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hagayi 2:6 - IsiZulu 2020

6 “Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Sekuzokuba ngumzuzwana nje bese ngizamazamisa izulu nomhlaba, ulwandle nomhlabathi owomileyo.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Kusezakuba yisikhashana nje ngizamazamisa amazulu nomhlaba, nolwandle, nomhlabathi owomileyo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Sekuyisikhashana nje, ngizamazamise izulu nomhlaba, nolwandle, nomhlabathi owomileyo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hagayi 2:6
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo,


Umhlaba wazamazama, wathuthumela, izisekelo zezintaba zanyakaza, zashukumela emuva naphambili, wavutha.


Kusazothatha isikhashana engabe esababikho omubi, uyothi lapho uhlola indawo abe kuyo, ungamfumani.


Ngokuba ngesikhashana nje izokwehla intukuthelo yami, ulaka lwami kube ngolokubhujiswa kwabo.”


Ngosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe ngiyokwenza izulu lithuthumele, nomhlaba uzamazame endaweni yawo, ngenxa yokuvutha kwentukuthelo kaSimakade Wamabandla.


Abantu bayongena emigedeni esemadwaleni, nasemigodini emhlabathini, bebalekela ukwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe, lapho ephakama ukuthuthumelisa umhlaba.


ILebhanoni alizukuphenduka yini maduzane nje libe yinsimu yezithelo, kuthi nensimu yezithelo ibe yihlathi na?


Ibandla lonke ezulwini liyakuphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyakubuna njengokubuna kweqabunga emvinini, nanjengokubuna kwekhiwane emkhiwaneni.


“ ‘Bheka, ziyeza izinsuku, kusho uSimakade, lapho ngiyakufeza izwi elihle engilisho kuyo indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Indodakazi yaseBhabhele injengesibuya, ngesikhathi sinyathelwa. Kuseyisikhashana nje, sizofika nakuyo isikhathi sokuvunwa kwayo.”


Ngesikhwele nangolaka lwami oluvuthayo ngikhulumile, ngathi: Impela ngalolo lusuku kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu ezweni lakwa-Israyeli.


Kuyakuthuthumela ebukhoneni bami izinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane zasendle, zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, bonke abantu abasebusweni bomhlaba, izintaba zidilikele phansi, kuwe amawa nazo zonke izingange.


“USimakade uyabhodla eseZiyoni, azwakalise izwi lakhe eseJerusalema. Izulu nomhlaba kuyakuzamazama, kodwa uSimakade uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantu bakwa-Israyeli.


Ngiyoveza izimangaliso esibhakabhakeni phezulu, nezibonakaliso emhlabeni phansi; igazi nomlilo nesikhatha sentuthu.


Akusensuku zatshwala afike ozayo, akayukulibala.


Abanye kubantu, imindeni, izilimi, nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nengxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zingcwatshwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka