Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 4:14 - IsiZulu 2020

14 Uma uthula ngesikhathi esifana nalesi, usizo nokukhululwa kwabaJuda kuzovela ndawana thize, kodwa wena nabendlu kayihlo nizobhubha. Ngubani owaziyo? Mhlawumbe ungene embusweni waba yindlovukazi ngenxa yesikhathi esifana nalesi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngokuba uma uthula nokuthula ngalesi sikhathi, ukukhululwa nokophulwa kwabaJuda kuyakuvela kwenye indawo, wena nendlu kayihlo nibhubhe. Ngubani okwaziyo, uma ungafikanga embusweni ngenxa yesikhathi esinjengalesi na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba uma nithula impela ngalesi sikhathi, kuyakuvela ukwandiswa nokusindiswa kwabaJuda kwenye indawo; kepha wena nendlu kayihlo niyakuchithwa; Ngubani owaziyo ukuthi ungene embusweni isikhathi esinjengalesi na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 4:14
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrahama wabiza igama laleyo ndawo ngokuthi: “KukwaSimakade uyabonelela,” njengoba kushiwo nanamuhla kuthiwa: “Entabeni kaSimakade kuyabonelelwa.”


USimakade wanika u-Israyeli umkhululi; base bekhululeka phansi kwesandla sama-Aramu, abantu bakwa-Israyeli bahlala emathendeni abo njengakuqala.


Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: ‘Lolu lusuku losizi, nolokusolwa nolokwedelelwa, ngokuba abantwana sebekulungele ukuzalwa, kodwa awekho amandla okubazala.


Ngokuba siseyizigqila, uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kodwa usenzele ububele bakhe phambi kwamakhosi asePheresiya; asinika impilo entsha ukuze sakhe kabusha indlu kaNkulunkulu wethu, sakhe kabusha obekuyincithakalo, wasenzela ugange kwaJuda naseJerusalema.


Ngamphendula ngathi: “Ngabe indoda enjengami nje ingabaleka yini na? Ngabe indoda efana nami ingangena yini ethempelini ukuze isindise impilo yayo na? Ngeke ngingene kulo.”


Laze lafika nethuba lika-Esteri indodakazi ka-Abhihayili, umfowabo kaMoridekhayi. UMoridekhayi wayemkhulise kwangathi yindodakazi yakhe. U-Esteri akazange acele lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, umthenwa owayephethe, ayethe akakusebenzise. Bonke ababembona babethatheka ngubuhle bakhe.


Inkosi yamthanda kakhulu ukwedlula bonke abesifazane; wafumana umusa emehlweni ayo, yamphatha kahle ukuzedlula zonke izintombi. Yamethwesa umqhele wobukhosi yamenza indlovukazi esikhundleni sikaVashithi.


Wayenomzala ogama lakhe lingu-Esteri, elesiHebheru kunguHadasa, owayemuhle futhi eme kahle. Uyise nonina babengasekho, ngakho-ke uMoridekhayi wamthatha wamkhulisa njengendodakazi yakhe.


Wayesebuyisela impendulo ngabo, ethi ku-Esteri: “Ungacabangi ukuthi ngoba wena usesigodlweni uzosinda kubo bonke abaJuda.


U-Esteri wawuphendula umlayezo kaMoridekhayi, wathi:


Akangivumeli ukuba ngiphefumule, kepha ungigcwalisa ngomunyu.


isikhathi sokudabula, nesikhathi sokuthunga; isikhathi sokuthula, nesikhathi sokukhuluma;


Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, nezindlovukazi zawo zibe ngabancelisi bakho; bayokukhothamela, ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyokwazi ukuthi nginguSimakade, abethembela kimi abayukujabha.”


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.


ngokuba Mina nginawe,’ kusho uSimakade. ‘Ngiyakukusindisa, ngiziqede nya zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.’


Ungesabi wena nceku yami, Jakobe,” kusho uSimakade, “ngokuba nginawe; ngiyakuqeda ngokuphelele zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.”


ngiyakusikhumbula isivumelwano sami noJakobe, nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abhrahama. Ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula.


Ukuba lezo zinsuku bezingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo ziyakufinyezwa.”


“USimakade uyobehlulela abantu bakhe, abe nesihawu ezincekwini zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, akusekho oboshiweyo nokhululekileyo.


AmaFilisti ayesebuza ethi: “Kwenziwe ngubani lokhu, na?” Baphendula bathi: “NguSamsoni, umkhwenyana womThimna, ngenxa yokuba umukhwe wakhe uthathe umkaSamsoni wamnika umngani kaSamsoni.” AmaFilisti enyuka, amshisa yena noyise.


USimakade akayukubashiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwaba kuhle kuSimakade ukuba azenzele nina nibe ngabantu bakhe.


Kepha uDavide wathi: “Ngenzeni na? Bengizibuzela nje.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka