Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 94:4 - IsiZulu 2020

4 Bakhulumela futhi, bakhuluma amagama ayiziswana, bonke abenzi bokubi bayazigabisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bayampompoza, bakhuluma amagangangozi; bayazidla bonke abenza okubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Koze kube nini bekhuluma futhi bekhuluma izinto ezinokhahlo? futhi bonke abenza okubi bayakhazimula?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 94:4
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?


kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Ulimi lwabo balulola lukhaliphe njengolwenyoka, isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela


Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.


We siqhwaga, uziqhayiselani ngokubi na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.


Amazwi eziwasho ngezindebe zazo ayisono esiphuma emlonyeni wazo, mazibambeke ekuqhosheni kwazo, nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.


Bheka, bayakhafula ngemilomo yabo, amazwi abo ayizinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”


Isizukulwane esimazinyo ayizinkemba, namazinyo emihlathi yaso ayimimese yokuqeda abampofu emhlabeni, nabasweleyo kubantu.


Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”


“Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yomsindo omkhulu wamazwi ayekhulunywa luphondo. Ngabuka saze sabulawa isilo umzimba waso wabhujiswa, saphonswa emlilweni ovuthayo.


Iyakukhuluma amazwi amelene noPhezukonke, ibakhathaze abangcwele bakhe; icabange ukuguqula izikhathi ezimisiweyo nomthetho. Bayakunikelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi, nezikhathi, nengxenye yesikhathi.


“Kuthe ngisacabanga ngezimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, kwathi izimpondo ezintathu zokuqala ezazingaphambi kwalo zabhonculwa, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma ngokuzigqaja.


Yebo, lwazikhulisa kwaze kwaba kumkhuzi webandla, lwasaphuca umnikelo oshiswa imihla yonke, nendawo yendlu yaso engcwele yaphonswa phansi.


AbaFarisi bekuzwa lokhu, bathi: “Lo ukhipha amadimoni kuphela ngombusi wamadimoni, uBhelzebhule.”


Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.


Ningabe nisakhuluma ngokuziqhenya, futhi makungaphumi kuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu owazi konke; izenzo zilinganiswa nguye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka