Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 94:16 - IsiZulu 2020

16 Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngubani ongangimela ngokumelene nabenzi bokubi? noma ngubani ongangimela ngokumelene nabenzi bokubi na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 94:16
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wasuka lapho wafumana uJehonadaba, indodana kaRekhabhi ezomhlangabeza; wayesembingelela, wathi kuye: “Ngabe kulungile yini enhliziyweni yakho njengoba kunjalo kweyami na?” UJehonadaba wathi: “Yebo.” UJehu wayesethi: “Uma-ke kunjalo, letha isandla sakho.” Waselula isandla sakhe, wayesemgibelisa enqoleni yakhe.


Waphakamisa ubuso bakhe, wabheka ngasefasiteleni, wathi: “Ngubani ongakimi? Ngubani na?” Kwase kulunguza izinduna ezimbili noma ezintathu.


Ngacabangisisa ngalolu daba, izikhulu nabaholi ngababeka icala, ngathi kubo: “Nina nonke nibakhokhisa inzalo abantu bakini.” Ngabiza ibandla elikhulu ukuba libhekane nabo.


USimakade ungakimi, angiyukwesaba, umuntu angangenzani na?


Yima ngomumo, Simakade, ubhekane nazo, ziqumbe phansi. Sindisa umphefumulo wami ngenkemba yakho,


Ngikhulule kwabenza okubi, ungisindise kubantu abomele igazi.


Wabona ukuthi kwakungekho muntu, wamangala ukuthi kwakungekho onxusayo; ngakho-ke ingalo yakhe yamzuzela insindiso, nokulunga kwakhe kwamphasa.


Ngabheka, kodwa kwakungekho ongisizayo; ngamangala, kodwa kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nolaka lwami lwangisekela.


“Yehlani nenyuka emigwaqweni eJerusalema, nibheke nxazonke, niqaphele, nicinge ezigcawini zalo, uma niyofumana umuntu abe munye vo owenza ubulungiswa, ofuna iqiniso; khona ngiyolithethelela.


“Ngafuna kubo umuntu owayezokwakha ugange, ame esikhaleni phambi kwami ngenxa yezwe, ukuze ngingalibhubhisi, kodwa angimtholanga.


Ekusukeni komphongolo, uMose wathi: “Vuka, Simakade; mazihlakazeke izitha zakho; abakuzondayo babaleke phambi kwakho.”


“Ongahambisani nami, umelene nami; ongaqoqi nami, uyahlakaza.


Ngakho-ke simele ukubamukela nokubasiza abantu abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.


‘Qalekisani iMerozi,’ kusho ingelosi kaSimakade; ‘ziqalekiseni kabi izakhamuzi zalo, ngoba azizanga ukuzosiza uSimakade, ukuzosiza uSimakade elwa nesiqhwaga.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka