Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 90:10 - IsiZulu 2020

10 Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa, kuthi uma ziziningi, zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Izinsuku zeminyaka yethu ziyiminyaka eyishumi namashumi ayisithupha; futhi uma iyiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili ngenxa yamandla, nokho amandla ayo awumshikashika nosizi; ngoba masinyane liyanqunywa, futhi siyandiza, simuke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 90:10
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.”


USimakade wathi: “UMoya wami awuyukuhlala phakathi kwabantu kuze kube phakade, ngoba bayinyama nje. Iminyaka yabo yokuphila isizoba yi-120.”


Namuhla ngineminyaka engama-80; ngisakwazi yini ukwehlukanisa okuhle nokubi na? Inceku yakho isengakuzwa nje ekudlayo nekuphuzayo? Kepha ngingabe ngisalizwa yini izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Kungani inceku yakho izoba ngumthwalo enkosini yami, inkosi na?


Inceku yakho isingahamba ibangana nje ukuweza inkosi. Pho kungani inkosi ifuna ukungiklomelisa ngomklomelo ongaka na?


Inkosi uDavide yayisikhulile, neminyaka yayo isiminingi impela. Bayembesa ngezingubo, kepha kwanhlanga zimuka nomoya; ayifudumalanga.


Kepha umuntu uyafa, abe buthakathaka, umuntu obhubhile uphi na?


Uyakundiza njengephupho, angafunyanwa, axoshwe njengombono wasebusuku.


Bayaphakanyiswa okwesikhashana, babuye bashabalale; bayabuna, banqunywe njengamazimba.


Wonke umuntu uzalelwe ukuhlupheka, njengoba nezinhlansi ziqhasha zibheke phezulu.


Wakhumbula ukuthi bangabantu nje, bangumoya owedlulayo ongenakubuya.


Idokodo lami lisishuliwe, lasuswa kimi njengethende lomelusi; Njengomaluki, ukuphila kwami ngakusonga, uyanginquma esalukweni, kusukela emini kuze kube sebusuku uyayiphelisa impilo yami.


Uma kungowesilisa oneminyaka engama-60 kuya phezulu kuyakuba ngamashekeli ali-15, uma kungowesifazane kube ngamashekeli alishumi.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’


UMose wafa eseneminyaka eyi-120, kodwa iso lakhe lalingakafiphali namandla akhe engakanciphi.


Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala.


Ngisenamandla nanamuhla nanjengamhla uMose engithuma, namanje amandla ami asafana nawangaleso sikhathi, ngisengaphuma ngiyokulwa, ngiphinde ngibuye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka