Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 9:16 - IsiZulu 2020

16 USimakade uzibonakalisile, wenzile ukwehlulela ngezandla zakhe, ngokucekela phansi ababi. Sela

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJehova uzazisile, wahlulela; umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni.* Sela*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJehova uyaziwa ngesahlulelo sakhe; omubi uhileleke emsebenzini wezandla zakhe. I-Higgaion. Sela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 9:16
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Manje, Simakade Nkulunkulu wethu, ake usisindise esandleni sakhe, ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi Wena, Simakade, unguNkulunkulu, Wena wedwa.”


Unoxhaka usibambe esithendeni, nogibe lwasibamba.


Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.


Abangibunganyele mabasibekelwe ngububi bomlomo wabo.


Amazwi omlomo wami, nezizindlo zenhliziyo yami, makwemukeleke kuwe Simakade; dwala lami nomhlengi wami.


Intaba iZiyoni mayithokoze, kwethabe amadodakazi akwaJuda, ngenxa yezehlulelo zakho.


Simakade, yizwa amazwi ami, uqaphele ukububula kwami.


Ububi bubuyela ekhanda lakhe, ubudlova bakhe behlele ekhanda lakhe.


nokushaya ugubhu olunezintambo ezilishumi, umqangala nohabhu okuzwakala kamnandi.


Kwathi lapho uFaro esesondela, abantu bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo bababona abaseGibhithe bebalandela, besaba kakhulu abantu bakwa-Israyeli, base bekhala kuSimakade.


U-Israyeli wawabona amandla amakhulu abonakaliswa nguSimakade phezu kwabaseGibhithe, abantu bakholwa nguSimakade nayinceku yakhe uMose.


“Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo.


AbaseGibhithe bayongazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilishaya iGibhithe, ngikhipha kulo abantu bakwa-Israyeli.”


Omubi ubanjwa ukuphambuka kwakhe kwakusho ngomlomo wakhe, kodwa olungileyo uyaphuma enkathazweni.


usubanjwe ngamazwi akho, wabhajwa ngenxa yalokho okushilo.


Ngakho-ke izwi likaSimakade yileli: isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezo phezu kwesiyalezo, umthetho phezu komthetho, umthetho phezu komthetho, ingcosana lapha, ingcosana laphaya, ukuze bahambe, bawe nyovane, bephuke, bacushwe, babanjwe.


Abaningi phakathi kwabo bayakukhubeka, bawe, bephuke; bayakucushwa, babanjwe.”


UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, izizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke wathi: “Ukuthula makwande kini.


U-Adoni Bhezekhi, wathi: “Amakhosi angama-70 anqunywe izithupha noqukula ayevame ukucosha imvuthuluka ewa etafuleni lami, njengoba ngenzile, ngalokho uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamletha eJerusalema, wafela khona.


Namuhla uSimakade uzokunikela esandleni sami. Ngizokubulala, ngikunqume ikhanda. Khona namuhla izidumbu zempi yamaFilisti ngizozinika izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba, ukuze umhlaba wazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka