Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 82:3 - IsiZulu 2020

3 Yahlulelani ompofu nentandane, nimenzele okufaneleyo olusizi nontulayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Yahlulelani ompofu nentandane, nimenzele okufaneleyo olusizi noswelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Vikela abampofu nezintandane, wenze ubulungisa kwabampofu nabampofu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 82:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo, nezintandane ezingenamsizi.


uma ngiphakamisele intandane isandla ngoba ngibona ukuthi nginabalandeli esangweni,


umela izintandane nabacindezelweyo, ukuze kungabi bikho namunye emhlabeni, ozoba yingozi komunye.


Awuyukukhombisa ukuvuna ompofu ecaleni.


“Awuyukubuhlanekezela ubulungiswa ngenxa yabampofu ecaleni labo.


Vula umlomo wakho wehlulele ngokulunga, uvikele amalungelo abampofu nabantulayo.”


Fundani ukwenza okuhle, nifune ubulungiswa, nimelane nabacindezeli, nivikele izintandane, nimele abafelokazi.


Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Wena ndlu kaDavide, usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Yenzani ubulungiswa ekuseni, nihlenge ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, iyakuvutha, kungabi bikho oyicimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Walumela udaba lompofu nontulayo, kwaba kuhle; lokhu akusikho yini ukwazi Mina na?” kusho uSimakade.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yenzani ubulungiswa nokulunga, nisindise ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningabahlukumezi abafokazi nezintandane nabafelokazi, futhi ningabaphathi kabi, nangesihluku, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.


Bakhuluphele, bayacwebezela, yebo, ububi babo abunamkhawulo, abehluleli ngokulunga, abazimeli izintandane ukuba nazo ziphumelele, abawalweli amalungelo abampofu.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Yehlulelani izehlulelo eziliqiniso, nibe nokwethembeka nozwelo, kube yilowo nalowo komunye.


Izintandane nomfelokazi ubenzela ubulungiswa. Uyathanda umfokazi, umnika ukudla nezingubo.


“Awuyukuhlanekezela ubulungiswa lapho ubhekene nomfokazi noma intandane, futhi ungayithathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso,


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka