Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 78:8 - IsiZulu 2020

8 Bangabi njengawoyisemkhulu, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bangabi njengawoyise, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Bangabi njengoyise, isizukulwane esinenkani nesihlubukayo; isizukulwane esingalungisanga inhliziyo yaso, nomoya waso ungagxili kuNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 78:8
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha abamlalelanga, benza lukhuni izinhliziyo zabo, njengokhokho babo abangazange bamethembe uSimakade uNkulunkulu wabo.


Wenza okubi, akaze ayibhekisa inhliziyo yakhe ekufuneni uSimakade.


Nokho kufunyaniswe kuwe izinto ezinhle. Ubasusile o-Ashera ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”


Kepha-ke azisuswanga izindawo eziphakemeyo, futhi nabantu kabazibhekisanga izinhliziyo zabo kuNkulunkulu wokhokho babo.


bonke abazinhliziyo zabo bezibhekise ekufuneni uNkulunkulu uSimakade, uNkulunkulu wokhokho babo, nakuba kungenziwanga ngokuhambisana nemithetho yokuhlanjululwa kwendlu engcwele.”


Ningafani nokhokho benu nabafowenu abenza okungalungile kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, waze wabenza into eyesabisayo, njengalokhu nibona.


“Uma uqondisa kahle inhliziyo yakho, welulela izandla zakho kuye,


Okhokho bethu beseseGibhithe abaziqondanga izibonakaliso zakho, ababukhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa, bakuhlubuka bengasolwandle, oLwandle Lomhlanga.


UNkulunkulu uhlalisa imihlalaqha ezindlini, akhulule iziboshwa bese zinethezeka, abahlubukayo bodwa abahlala emaqwaqwasini.


Inhliziyo yabo yayingabambelele kuye, bengathembekile esivumelwanei sakhe.


Babemhlubuka kaningi kangakanani ehlane, bemdabukisa ogwadule!


Nokho bamlinga, bamhlubuka uNkulunkulu oPhezukonke, abaze babugcina ubufakazi bakhe.


USimakade wathi kuMose: “Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni.


Khuphukani niye ezweni elichichima ubisi noju, kodwa Mina ngeke ngibe phakathi kwenu, ngokuba ningabantu abantamo lukhuni, funa nginiqede nya endleleni.”


Ngokuba uSimakade wayethe kuMose: “Shono kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ningabantu abantamo lukhuni, uma nje ngingakhuphuka nani umzuzu ube munye, ngiyoniqothula nya. Ngakho-ke khumulani imvunulo yenu ukuze nginqume ukuthi ngizonenzenjani.’ ”


Wathi: “Ngiyakuncenga, Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, uSimakade makahambe nathi, nakuba laba bantu bengontamolukhuni. Sixolele ububi bethu, nezono zethu, usithathe sibe yifa lakho.”


Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukulalela umthetho kaSimakade,


Ngathi kubantwana babo ehlane: “Ningahambi ngezimiso zoyihlo, ningazigcini izehlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.


“ ‘Kepha bangihlubuka, abafunanga ukungilalela, kwaba yilowo nalowo akaze azilahla izinto ezenyanyekayo ezaziphambi kwakhe; abazishiyanga izithombe zaseGibhithe, ngase ngithi ngiyakuthululela ulaka lwami phezu kwabo; intukuthelo yami ephelele ngiyithululele kubo eGibhithe.


Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.


“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Mina ngiyakwazi ukuhlubuka kwakho nokuba nguntamo lukhuni kwakho. Bheka nje, ngisekhona nani namuhla seniyamhlubuka uSimakade; pho kuyoba kukhulu kangakanani sengifile, na?


Kodwa nina enanamathela kuSimakade uNkulunkulu wenu, nisaphila nonke nanamuhla.


“USimakade wabuye wakhuluma kimi, wathi: ‘Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni;


Nimhlubukile uSimakade kusukela osukwini enganazi ngalo.


Bafika ozalweni lukaRubeni nolukaGadi nasengxenyeni yesizwana sakwaManase kwaGileyadi, bathi kubo:


Kunjengayo yonke imisebenzi abayenzayo, kusukela ngosuku engabakhuphula ngalo eGibhithe kuze kube namuhla, bangilahla bayokhonza abanye onkulunkulu, ngakho-ke benza kanjalo nakuwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka