Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 74:2 - IsiZulu 2020

2 Khumbula ibandla lakho owalizuza kwasemandulo, walikhulula ukuze libe yisizwe esiyifa lakho, nentaba iZiyoni ohlala kuyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo, owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho, nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Cabanga ngebandla lakho owalithenga endulo; intonga yefa lakho owayihlenga; intaba yaseSiyoni owawuhlala kuyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 74:2
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Intukuthelo kaSimakade yabavuthela abantu bakhe, ifa lakhe laba yisinengiso kuye.


Ngokuba uSimakade uziqokele uJakobe no-Israyeli, ukuba abe yifa lakhe.


Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso unguSimakade, isizwe azikhethele sona saba yifa lakhe.


Kungani nina zintaba ezimagqumagquma nibuka, niyibuka ngonya intaba uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na? Yebo, uSimakade uzohlala kuyo kuze kube phakade.


Ngengalo yamandla wabasindisa abantu bakho, amadodana kaJakobe noJosefa. Sela


Hubelani uSimakade ohlezi eZiyoni; memezelani izenzo zakhe phakathi kwabantu.


Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa abahluphekileyo nabathobekile, akakukhohlwa ukukhala kwabo.


Ngokuba uSimakade akayukubalahla abantu bakhe, nefa lakhe akayukulishiya.


“Ngomusa wakho omiyo njalo uhole abantu bakho obakhululileyo; wabahola ngamandla akho wabayisa endaweni okuhlala kuyo ubungcwele bakho.


Behlelwe yingebhe novalo, ngobukhulu bamandla engalo yakho, bathulisa okwetshe, kwaze kwedlula abantu bakho Simakade, kwaze kwedlula abantu bakho ozithengele bona.


Abahlawulelweyo bakaSimakade bayobuya, bafike eZiyoni bejabula. Intokozo engapheliyo iyoba semakhanda abo phakade, bayothola injabulo nentokozo, kubaleke usizi nokububula.


Bayobizwa ngokuthi ngabantu abangcwele, abahlengiweyo bakaSimakade. Wena uyothiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiywanga.


Ezingangeni zakho Jerusalema, ngimisile abalindi. Abayukuthula nakanye imini nobusuku. Nina enibakhumbuza ngoSimakade, maningaphumuli,


Simakade, kungani usidukisile ezindleleni zakho, uzenza lukhuni izinhliziyo zethu, zize zingakwesabi na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.


Ngokuba isabelo sikaSimakade singabantu bakhe. UJakobe uyisifunda sefa lakhe.


Nokho uSimakade wakuthatha wena, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibhithe, ukuze nibe ngabantu abayifa lakhe njenganamuhla.


Ngakhuleka kuSimakade, ngathi: ‘Nkosi Simakade, ungababhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.


“ ‘Bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.’ ”


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka