Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 73:6 - IsiZulu 2020

6 Ngakho-ke ukuqhosha ngumgexo wabo, indluzula bayembethe njengengubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo; indluzula ibembesa njengengubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngakho ukuziqhenya kubahaqa njengeketanga; ubudlwangudlwangu bubambozile njengengubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 73:6
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UFaro wakhumula indandatho yakhe yokusicilela esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izembatho zelineni elicolekileyo, wamfaka nomgexo wegolide entanyeni.


Emveni kwalezo zinto, inkosi u-Ahasheveroshi yaqokela esikhundleni esiphezulu uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, yamenza umengameli wazo zonke izikhulu ezikanye naye.


Wagqoka isiqalekiso njengengubo, sangena ezibilini zakhe njengamanzi, nasemathanjeni akhe njengamafutha.


Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesembatho.


iyoba ngumqhele wobuhle ekhanda lakho, nomgexo entanyeni yakho.


Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlova, ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,


kwazise badla isinkwa senkohlakalo, baphuze iwayini lobudlova.


Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi.


Ungephuce inhliziyo yami, dadewethu, makoti wami. Ungephuce inhliziyo yami ngokungibuka kanye nje ngeso lakho, nangomucu owodwa nje womgexo wentamo yakho.


iziqhaza, amasongo, izimvakazi,


“UMowabi ubephumule kwasebusheni bakhe, ephumule njengenzika yewayini; akathululwanga esitsheni, ethululelwa kwesinye; akayanga ekuthunjweni, ngakho-ke usanambitheka njengoba enjalo, nephunga lakhe aliguquki.


Sizwile ngokuzidla okukhulu kakhulu, kukaMowabi; ukuziphakamisa kwakhe, ukuzithwala kwakhe, ukuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.


Ngakuvunulisa ngemvunulo kanokusho, ngakufaka amasongo ezandleni zakho nomgexo entanyeni.


Inkosi yathatha, yathi: “Angithi yileli Bhabhele elikhulu engilakhileyo ukuba libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami na?”


Usho kanje uSimakade: “Ngabaphrofethi abadukisa abantu bami, abaluma ngamazinyo abo, bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’ kuthi lowo ongabeki lutho emlonyeni wabo bavivele ukumthelekela ngempi.


“UJeshuruni wakhuluphala, wayesekhahlela; usekhuluphele, uzimukile, futhi uchachambile. Wamshiya uNkulunkulu owamenza, waledelela iDwala lensindiso yakhe.


Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.


Isisindo samacici egolide ayewacelile saba yi-1 700 amashekeli egolide, ngaphandle kwemihlobiso enhlobonhlobo nezingubo ezibukhwebezane ezazembathwa ngamakhosi akwaMidiyani, nemigexo eyayisezintanyeni zamakameli abo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka