Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 60:2 - IsiZulu 2020

2 Uwuzamazamisile umhlaba, wawuqhekeza, zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Uzamazamisile umhlaba, wawudabula izimfa; zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wena wenza umhlaba wazamazama; Uyiphulile; phulukisa ukuphuka kwayo; ngoba liyathuthumela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 60:2
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Umhlaba wawusuzamazama, wandindizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela, ngokuba ethukuthele.


Kwathi emveni kwalokho, uDavide wawashaya amaFilisti, wawanqoba, wadla ingxenye yenhlokomuzi yawo.


U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wabulala abakwa-Edomi abayizi-18 000 eSigodini Sikasawoti.


UDavide wahlasela uHadadezeri, inkosi yaseZobha, ngaseHamathi, ngesikhathi ephumile ukuyoqinisa umbuso wakhe ngasemfuleni iYufrathe.


Kwase kufika ama-Aramu aseDamaseku ezosiza uHadarezeri, inkosi yaseZobha, uDavide wabulala abantu bakhona abayizi-22 000.


bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ngisezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


Ngokuba uyalimaza, abuye abophe, uyashaya, kodwa izandla zakhe zibuye ziphilise.


ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo,


Yena obheka umhlaba, maqede uthuthumele, athinte izintaba, zithunqe.


Thuthumela, mhlaba, phambi kweNkosi, phambi kukaNkulunkulu kaJakobe.


Umhlaba wazamazama, wathuthumela, izisekelo zezintaba zanyakaza, zashukumela emuva naphambili, wavutha.


Udilize zonke izindonga zakhe, wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo.


“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?


Ngosuku uSimakade ayobopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda abashaya zona; ukukhanya kwenyanga kuyoba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuphindwe kasikhombisa, kube njengokukhanya kwamalanga ayisikhombisa.


Ngenxa yalokho intukuthelo kaSimakade yasivuthela isizwe sakhe, welula isandla sakhe wasishaya. Izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucuza emigwaqweni; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibohli, isandla sakhe silokhu sishayile.


ngokuba inhloko ye-Aramu yiDamaseku, inhloko yeDamaseku nguRezini; ingakapheli iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyobe esehlakaziwe, engasesona ngisho isizwe.


Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.


“Uyokhuluma leli lizwi kubo, uthi: “ ‘Amehlo ami mawagobhoze izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele kakhulu impela; ukulimala kwayo kuyenze yagula kakhulu.


Ngokuba ngiyakukuphilisa, ngelaphe izilonda zakho,’ kusho uSimakade, ‘ngokuba bakubize ngoxoshiweyo, neZiyoni akukho muntu olifunayo.’


Ngabuka izintaba, bheka, zazamazama, namagquma wonke anyakaza.


Kukhona isililo phezu kophahla lwakwaMowabi, nasemashashalazini akhona, ngokuba uMowabi ngizakumphohloza njengesitsha esingafunwa muntu,” kusho uSimakade.


Ngingafakaza ngithini ngawe Jerusalema na? Ngingakuqhathanisa nani na? Ngingathini kuwe ukuze ngikududuze, ntombi eyindodakazi iZiyoni na? Ngokuba incithakalo yakho ibanzi njengolwandle; ngubani ongakwelapha na?


“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.


“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.


“Umhlaba awuyukuzamazama yini ngenxa yalokho, balile bonke abahlala kuwo na? Impela, uyakukhukhumala wonke njengomfula, uqonge, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe.


Izintaba zikubona qede ziyobayobe; isikhukhula siyadlula; izinzulu zizwakalise ukuhlokoma kwazo, ziphakamisele phezulu izandla zazo.


Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi. Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka