Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 53:1 - IsiZulu 2020

1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akekho uNkulunkulu.” Bonakele, benze izinto ezinengekayo eziphambene nobulungiswa. Akukho noyedwa owenza okuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akakho uNkulunkulu,” iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka; akakho owenza okuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela ngoMahalati, iMaskili, iHubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bonakele, futhi benze ububi obunengekayo; akakho owenza okuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 53:1
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJerobhowamu wathi enhliziyweni yakhe: “Manje umbuso ungahle ubuyele endlini kaDavide.


Kwaba khona nezifebe zesilisa zethempeli kulelo lizwe, abantu benza okufana nakho konke okunengisayo kwabezizwe, uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.


Ngubani ongaveza okuhlanzekile kokungcolile na? Akekho noyedwa.


kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo, umuntu ophuza ububi njengamanzi na?


Siyacabanga sithi enhliziyweni yaso: “UNkulunkulu akanakile, akabhekile ngakimi, futhi ngeke angibone.”


Nkulunkulu, kungani ukuba isikhohlakali sikwedelele sicabange sithi: “Ngeke wangenza lutho,” na?


Isikhohlakali siyazigqaja, asifuni ukubuyela kuwe, ngisho nje ukuba sicabange ngawe.


Enhliziyweni yaso sizindla sithi: “Angisoze ngazanyazanyiswa, izizukulwane ngezizukulwane, angisoze ngahlupheka.”


Simakade, Nkulunkulu wensindiso yami, ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.


Umuntu oyisiwula akanalwazi, nesiphukuphuku asikuqondi lokhu.


Awuhambanga njengezindlela zabo, awenzanga njengezinengiso zabo, kodwa ngesikhashana nje esincane, wena wonakala ukwedlula bona, ezindleleni zakho zonke.


ISamariya, izono elizenzileyo azisiyo ngisho ingxenye yezono zakho; wena wandise kakhulu izinengiso zakho kunabo, odadewenu ubenze babukeka belungile kunawe ngenxa yalezi zinengiso ozenzileyo.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’


Ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabaze bamdumisa noma bambonge njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekucabangeni kwabo, ingqondo yabo nenhliziyo yabo yafiphazwa.


Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.


ngokuba lokho okwenziwa esithe kuyihlazo ngisho nokukhuluma ngakho,


Awuyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba zonke izinto uSimakade azenyanyayo zizenzile lezi zizwe, zenzela onkulunkulu bazo, zibashisele ngisho amadodana namadodakazi azo emlilweni.


Ngokuba isikhathi esedlule sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe, ukuphila ngamanyala edlulele, ngezinkanuko, ngokudakwa, ngokuminza, ngokuxokozela nangokukhonza izithombe okuyichilo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka