Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 51:14 - IsiZulu 2020

14 Nkulunkulu, ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu wensindiso yami, yikhona ulimi lwami luzohuba ngokulunga kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami. Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami, futhi ulimi lwami luzakwethaba ngokulunga kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 51:14
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

URubeni wabaphendula wathi: “Angishongo yini ukuthi: ‘Ningakwenzi okuyisono kumfana,’ nangangilalela na? Manje igazi lakhe selifuneka kithi.”


“Ochitha igazi lomuntu, nelakhe liyochithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wadalwa nguNkulunkulu, wamenza wafana naye.


Kungani wedelele izwi likaSimakade, wenza okubi emehlweni akhe na? Ubulele ngenkemba u-Uriya, umHithi, wathatha umkakhe wamenza umkakho. Wambulala ngenkemba yabakwa-Amoni,


Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”


Kwathi kamuva uDavide wakuzwa lokho, wathi: “Mina nombuso wami asinacala kuSimakade kuze kube phakade ngegazi lika-Abhineri, indodana kaNeri.


“Emuva kokuba sezisehlele zonke lezo zinto ngenxa yezenzo zethu ezimbi, necala lethu elikhulu, kodwa Wena Nkulunkulu, awusijezisanga ngokufanele iziphambeko zethu, wabuye washiya insali efana nalena,


Nokho bewufanele ukusehlisela zonke lezo zinto; wenze okulungileyo, thina senza okubi.


Ngiholele eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba Wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngethembele kuwe njalo.


Ungangilahli kanye nezoni, nomphefumulo wami kanye nabantu abalambele igazi,


Ulimi lwami luzoshumayela ngokulunga kwakho nangodumo lwakho, usuku lonke.


Phuthuma ungisize, Nkosi, uyinsindiso yami.


Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.


UNkulunkulu wethu unguNkulunkulu okhululayo, ukukhulula ekufeni kungokukaSimakade, iNkosi.


Simakade, Nkulunkulu wensindiso yami, ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.


UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade.


Kuyakuthi lapho ngithi komubi: ‘Muntu omubi, uyakufa nokufa,’ bese wena ungakhulumi ukuba uxwayise umuntu omubi ayishiye indlela yakhe, lowo muntu omubi uyakufa ngenxa yokona kwakhe, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza kuwe.


Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini eJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bokhokho bethu iJerusalema nabantu bakho sebeyihlazo kubo bonke abasizungezileyo.


“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha thina sinamahloni njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.


“Kukhona ukuqalekisa nokukhohlisa, ukubulala, nokweba, nokuphinga, bayadlebeleka, kugobhoza igazi.


nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade, ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami.


Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


Ngakho-ke ngiyafakaza kini ngalolu lusuku lwanamuhla ukuthi anginacala egazini labo bonke.


lokhu bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, bafuna ukumisa okwabo ukulunga; abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka