Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 49:11 - IsiZulu 2020

11 Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo, ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawaqamba ngamagama abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawabiza ngamagama abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Umcabango wabo wangaphakathi uthi izindlu zabo ziyohlala phakade, izindawo zabo zokuhlala ezizukulwaneni ngezizukulwane; babiza amazwe abo ngamagama abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 49:11
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UKhayini walala nomkakhe wakhulelwa, wazala u-Enokhi. UKhayini wakha umuzi wawuqamba ngegama lendodana yakhe u-Enokhi.


U-Absalomu esaphila wayethathe insika, wazimisela yona eSigodini seNkosi, ngokuba wathi: “Anginandodana ezovusa igama lami.” Wayiqamba insika ngegama lakhe; isabizwa ngokuthi yisikhumbuzo sika-Absalomu, kuze kube namuhla.


Enhliziyweni yaso sizindla sithi: “Angisoze ngazanyazanyiswa, izizukulwane ngezizukulwane, angisoze ngahlupheka.”


“Manje, Nkosi, ngisalindeleni na? Ithemba lami likuwe.


Ngokuba alikho iqiniso emilonyeni yabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.


Basongoza izenzo ezimbi, bathi: “Siliphethile icebo elisongoziweyo;” izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.


Umuntu ohlakaniphile uyabona ukuthi uyaphi, kodwa isiwula sidukuza ebumnyameni. Kodwa ngabona ukuthi siyafana isiphetho sabo bobabili.


Ngokuba kuyenzeka ukuba umuntu umshikashika wakhe awenze ngokuhlakanipha nangolwazi nangekhono, kodwa kufanele awushiyele umuntu ongakaze awukhandlekele, ube yifa lakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku kufike imizindlo enhliziyweni yakho, bese uceba amacebo amabi.


INkosi uJesu yayisithi kuye: “Nina baFarisi nigeza ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ubugovu nokonakala.


Ngakho-ke phenduka kulobu bubi, ukhuleke eNkosini, hleze ikuthethelele umdlinzo wenhliziyo yakho,


UJayire, indodana kaManase, wathatha sonke isifunda i-Arigobhi kuze kube semngceleni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, iBhashani, walibiza ngegama lakhe wathi yiHawothi Jayire, kuze kube yinamuhla.


USamuweli wavuka ekuseni wayohlangabeza uSawule. USamuweli wabikelwa ukuthi: “USawule ufike eKharmeli, wazimisela insika, wasuka wedlula wehlela eGiligali.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka