Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 43:3 - IsiZulu 2020

3 Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho, makungihole kungiyise entabeni yakho engcwele, nasezindlini zakho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho, kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwele nasezindlini zakho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho; mabangiqondise; mabangiyise entabeni yakho engcwele nasematendeni akho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 43:3
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Usanda kufika nje, manje usufuna ngikuzulazulise nathi na? Mina ngisaya lapho ngiya khona. Phindela emuva wena, ubuyele nabafowenu; umusa neqiniso kube nawe.”


Inkosi yathi kuZadoki: “Ubuyisele emzini umphongolo kaNkulunkulu. Uma ngifumana umusa emehlweni kaSimakade, uzokungibuyisa, angibonise wona nendlu yawo,


Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi nethende uDavide ayelimisele wona. Base benikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu.


Washiya uZadoki, umphristi, nabafowabo, abaphristi, phambi kwethabanakeli likaSimakade, endaweni ephakemeyo eyayiseGibheyoni,


Ngokuba ithabanakeli likaSimakade ayelenzile uMose ehlane, ne-althare lomnikelo wokushiswa kwakusendaweni ephakemeyo eGibheyoni ngaleso sikhathi,


Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.


Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba Wena unguNkulunkulu wami, uMoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini ohlelembekile.


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


Ngakhala kuSimakade ngezwi lami; wangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela


Ngokuba umthombo wokuphila ukuwe, ukukhanya sikubona ekukhanyeni kwakho.


Wena Simakade ungangigodleli ububele bakho, umusa wakho neqiniso lakho makuhlale kungilondile njalo.


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokhu ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke.


Uzothumela esezulwini, angisindise. Uyamsola ofuna ukungifihliza. Sela UNkulunkulu uzothumela umusa wakhe neqiniso lakhe.


Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi, ngilele phakathi kwabakhafula umlilo, ngisho nabantwana babantu, abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi luyinkemba ebukhali.


Kepha yaqoka isizwe sakwaJuda, intaba iZiyoni eyithandayo.


Wo, zithandeka kangaka izindlu zakho, Simakade Wamabandla!


Ukukhanya kukhanyisela olungileyo, nokujabula kwabanhliziyo ziqotho.


Uyakwethembeka kuJakobe ube nomusa ku-Abhrahama owafunga ngawo kobaba ezinsukwini zasemandulo.


Sitha sami, ungasini ngethambo lami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uSimakade uyakuba ngukukhanya kwami.


Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu.


Kuye kwakukhona ukuphila; lokhu kuphila okungukukhanya kwabantu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka