Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 4:6 - IsiZulu 2020

6 Baningi abathi: “Ngubani oyakusenzela okuhle na?” Simakade, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Baningi abathi: “Ngubani oyakusibonisa okuhle na?” Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Baningi abathi: “Ngubani ozosibonisa okuhle na? Jehova, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 4:6
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho.


Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kimi na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.


UNkulunkulu makabe nomusa kithi, asibusise, makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela


Sibuyise, Simakade Nkulunkulu Wamabandla, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Sibuyise, Nkulunkulu Wamabandla, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo, sihamba ekukhanyeni kobukhona bakho, Simakade.


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okungenelisiyo na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


Siyakuhlala sicwengisise, sihlanze isiliva. Siyakuhlanza abaLevi sibacwenge njengegolide nesiliva, ukuze banikele iminikelo kuSimakade ngokulunga.


uSimakade makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho, akuphe ukuthula.’ ”


Bese ngithi emphefumulweni wami: “Mphefumulo, usunezimpahla eziningi ezilondolozelwe wena iminyaka eminingi. Ngakho-ke phumula, udle, uphuze, futhi ujabule.”’


“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibukhwebezane nezelineni elihle, ezithokozisa imihla ngemihla, etamasa.


Bayobizela izizwe entabeni, lapho bayonikela imihlatshelo yokulunga, ngokuba bayoncela inala yezilwandle, nengcebo yesihlabathi efihliweyo.’


Wozani manje nina enithi: “Namuhla noma ngomuso sizakuya kulo muzi noma kulowaya, sihlale khona kuze kuphele unyaka, sihwebelane, sithole inzuzo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka