Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 4:2 - IsiZulu 2020

2 Madodana abantu, kuyoze kube nini nithunaza isithunzi sami na? Kuyoze kube nini nithanda okuyize, nifuna okungamanga na? Sela

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Madodana abantu, koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 O bantwana babantu, koze kube nini inkazimulo yami ihlazekile? Koze kube nini nithanda okuyize nifuna inkokhelo na? Sela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 4:2
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Baguqula inkazimulo kaNkulunkulu, bayifanisa nenkabi edla utshani.


Niyaliphambanisa icebo lohluphekileyo, kodwa uSimakade uyisiphephelo sakhe.


Kungani abezizwe benza ugobe, nabantu beceba okuyize na?


Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


Ngiyabazonda labo abakhonza onkulunkulu abayize, kodwa mina ngethembele kuSimakade.


Uyababhubhisa bonke abakhuluma amanga; uSimakade uyabenyanya abachitha igazi nabakhohlisi.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi, ngilele phakathi kwabakhafula umlilo, ngisho nabantwana babantu, abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi luyinkemba ebukhali.


Kungabe impela nikhuluma ukulunga nobuqotho na? Madodana abantu, ngabe nehlulela ngobuqotho na?


Ababi bahlubuka kwasesibelethweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.


Kepha inkosi izothokoza ngoNkulunkulu, bonke abafunga Yena bayomdumisa, ngokuba imilomo yabakhuluma amanga izovalwa.


Iyokwehlulela isizwe sakho ngeqiniso, nabampofu bakho, ngobulungiswa.


UMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Vumela abantu bami ukuba bahambe, ukuze bayongikhonza.


“Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?


Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi.


Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.


Bayophela amandla, babe namahloni ngeKhushe, ithemba labo, nangeGibhithe abazigabisa ngalo.


Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade.


Akekho omemeza ngokulunga, akekho nowehlulela ngeqiniso; bethembela kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe ububi, bazala inkohlakalo.


Isizwe sake sabalahla yini onkulunkulu baso, noma bengesibo onkulunkulu na? Kepha isizwe sami silulahlile udumo lwaso ngokungenanzuzo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Bubi buni oyihlo ababufumana kimi, ukuba baze badede babe kude nami, balandele okuyize, baphenduke ize nabo na?


“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.


Njengoba banda nje, kanjalo kuyanda nokona kwabo kimi. Ngiyakuguqula ukuhlonishwa kwabo kube yihlazo.


Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo.


USimakade wayesekhuluma kuMose, wathi: “Kuyoze kube nini laba bantu bengedelela na? Kuyoze kube nini bengakholwa yimi nayizibonakaliso zonke engizenze phakathi kwabo na?


NabaJuda bakuvuma lokho, bathi kunjalo.


ukuba kube njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Ozibongayo makazibonge eNkosini.”


Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye.


Yebo, ningaphambuki nilandele izinto eziyize ezingenakunisiza nezingeke zanikhulula, ngokuba ziyize.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka