Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 34:8 - IsiZulu 2020

8 Yizwani, nibone ukuthi uSimakade muhle; babusisiwe labo abaphephela kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe umuntu othembela kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 34:8
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


Anambitheka kamnandi amazwi akho, adlula uju emlonyeni wami.


Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Mawuqhubeke njalo umusa wakho kulabo abakwaziyo, nokulunga kwakho kwabaqotho ngenhliziyo.


Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu! Bonke abantu baphephela phansi komthunzi wamaphiko akho.


We siqhwaga, uziqhayiselani ngokubi na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.


Umphefumulo wami uyosutha kube sengathi usuthiswe ngamanoni namafutha, umlomo wami ukudumise ngezindebe ezethabayo,


Simakade Wamabandla, ubusisiwe okwethembayo.


Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.


Ngiyakwenelisa umphefumulo wabaphristi ngamanoni, abantu bami basuthe ngokuhle okuvela kimi,” kusho uSimakade.


UNebukhadinezari wakhuluma, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, othumele ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki nakoyedwa unkulunkulu, kuphela uNkulunkulu wazo, zalishaya indiva izwi lenkosi.


Laze labusiseka bo! Yeka ubuhle balo! Okusanhlamvu newayini kuyokwenza izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka