Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 22:1 - IsiZulu 2020

1 Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okububula kwami nokusindiswa kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Kungani nikude kangaka ekungisizeni nasemazwini okubhonga kwami na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 22:1
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukugquma kimi sekufana nokudla, nokububula kwami kuphophoza njengamanzi.


Simakade, kungani umele kude na? Uzifihlelani ngezikhathi zokuhlupheka na?


Ngilondoloze Nkulunkulu, ngoba uyisiphephelo engikhosela kuso.


Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, akekho ongisizayo.


Ngokuba izinja zingihaqile, umgwamanda wabenzi bokubi ungizungezile. Izandla nezinyawo zami bazibhobozile.


Ungangilahli kanye nezoni, nomphefumulo wami kanye nabantu abalambele igazi,


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


Ngintekenteke, futhi ngitubeke kakhulu, ngiyakhala, ngiyaquma ngenxa yeminjunju enhliziyweni yami.


bathi: “UNkulunkulu umshiyile; mxosheni, nimbambe, ngokuba akekho ongamkhulula.”


Ngikusondezile ukulunga kwami, akukho kude, insindiso yami ayiyukulibala. Ngiyonika iZiyoni insindiso, nodumo lwami ku-Israyeli.’ ”


Sonke sigwavuma njengamabhele, siyakhala nokukhala njengamajuba; silindela ukwehlulela, kodwa akukho, nokusindiswa, kodwa kukude nathi.


Wuhlephule ube yimvuthu bese uthela amafutha kuwo, kungumnikelo wokusanhlamvu.


Kepha ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”


Ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloyi, Eloyi, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”


Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini.


Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi engawakhuluma ngisenani, ngathi: ‘Kumele ukuba kugcwaliseke konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, kubaphrofethi, nasemaHubweni.’ ”


Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


USimakade akayukubashiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwaba kuhle kuSimakade ukuba azenzele nina nibe ngabantu bakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka