Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 135:7 - IsiZulu 2020

7 Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enze imibani ibe yimvula, akhiphe umoya ezinqabeni zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wenza inkungu ikhuphuke emikhawulweni yomhlaba; wenzela imvula imibani; ukhipha umoya engcebeni yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 135:7
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi emveni kwezinsuku eziningi, izwi likaSimakade lafika ku-Eliya ngonyaka wesithathu, lathi: “Hamba uzibonakalise ku-Ahabi; ngiyakunisa imvula emhlabeni.”


Yena onisa imvula emhlabeni, athumele amanzi ebusweni bomhlaba,


ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho owaphakamisa amadlambi olwandle.


nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,


Wadedela umoya wasempumalanga ezulwini, ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.


Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.


Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.


Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.


Kepha uSimakade wathumela isishingishane olwandle, kwaba nesiphepho esikhulu kwaze kwangathi umkhumbi uyahlephuka.


Celani imvula kuSimakade ngenkathi yayo entwasahlobo. USimakade uhlomisa izulu, anise imvula; aphe kube yilowo nalowo okudliwayo kwasendle.


Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka