Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 127:3 - IsiZulu 2020

3 Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade, isithelo sesibeletho singumklomelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bheka, abantwana bayifa likaJehova, nesithelo sesisu sikanina singumvuzo wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 127:3
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

wababusisa, wathi: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba; niwubuse. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zezulu, nazo zonke izilwane ezinwabuzela emhlabeni.”


Bambusisa uRibheka bathi: “Dadewethu, sengathi ungakhula ube ngukhokho wezizukulwane eziyizinkulungwane zezigidi, izizukulwane zakho zinqobe amasango ezitha zazo.”


Lapho u-Esawu ephakamisa amehlo ebona abesifazane nabantwana, wathi: “Ngobani laba ohamba nabo na?” UJakobe wamphendula wathi: “Bangabantwana uNkulunkulu ngomusa wakhe abaphe inceku yakho.”


U-Adamu walala nomkakhe u-Eva, wayesekhulelwa, wazala uKhayini, wathi: “Ngifumene insizwa kuSimakade.”


wathi kimi: ‘Ngizoyandisa inzalo yakho ibe yizinkumbi, ngikwenze izizwe eziningi, leli lizwe ngizolinika izizukulwane zakho libe yifa lazo laphakade.’


Eyesithupha kwaba ngu-Ireyamu, ezalwa ngu-Egila, umkaDavide. Wonke lawo madodana kaDavide azalelwa eHebhroni.


Emadodaneni ami wonke, ngokuba uSimakade ungiphile amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni, indodana yami, ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaSimakade kwa-Israyeli.


Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi, namadodana amadodana amaningi, eyi-150. Laba babengabozalo lukaBhenjamini.


Yayizele amadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu.


Ayobulala izinsizwa ngeminsalo yawo; angabi nasihe esithelweni sesibeletho sabo; abayukuba nasihawu kubantwana.


Bheka, mina nabantwana uSimakade angiphe bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuSimakade Wamabandla ohleli entabeni iZiyoni.


USimakade uyakukwandisela okuhle: isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho ukukunika lona.


“Siyakubusiswa isithelo sesibeletho sakho, nesomhlaba wakho, nesemfuyo yakho, kwande amankonyane ezinkomo zakho namazinyane ezimvu zakho.


Wayenamadodana angama-30. Amadodakazi angama-30 wawaganisa ngaphandle kwesizwe sakhe, wathathela amadodana akhe izintombi ezingama-30 ngaphandle kwesizwe sakhe. Wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisikhombisa.


Lo mntwana ngamkhulekela kuSimakade ukuba angiphe yena; uSimakade unginikile lokho engangikucele kuye;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka