Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 107:3 - IsiZulu 2020

3 wabaqoqa emazweni, kusukela empumalanga, entshonalanga, enyakatho, nasolwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 wababutha emazweni, empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naselwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Babuthana emazweni, empumalanga nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 107:3
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Sisindise, Simakade Nkulunkulu wethu, siqoqe kwabezizwe ukuze silidumise igama lakho elingcwele, sikudumise ngentokozo.


Bheka, laba bayakuvela kude; bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga; nalaba eSinimi.”


“Ngakushiya okwesikhashana, kodwa ngomusa omkhulu ngizokuqoqa.


INkosi uSimakade oqoqa abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, ithi: “Ngisazoqoqela kuye nabanye ngaphandle kwalaba asebeqoqiwe.”


Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


“Nina zizwe, yizwani izwi likaSimakade, nilimemezele eziqhingini ezikude, nithi: ‘Owahlakaza u-Israyeli uzokumqoqa, amlondoloze njengomelusi elusa umhlambi wakhe.’


Bheka, ngiyakubabuyisa enyakatho, ngibaqoqe emikhawulweni yomhlaba; phakathi kwabo kukhona izimpumputhe, izinyonga, abakhulelwe, nabatetayo, bonke bayakubuya kanyekanye, beyibandla elikhulu.


“ ‘ “Ngiyakunikhipha phakathi kwabantu, nginiqoqe emazweni enihlakazelwe kuwo, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangolaka olutheliweyo.


“ ‘ “Ngiyakunithatha ezizweni, nginiqoqe emazweni wonke, nginiyise ezweni lakini.


ngesikhathi sengibabuyisile ezizweni, ngabaqoqa emazweni ezitha zabo; ngizibonakalisa ngawe ngingcwele emehlweni ezizwe eziningi.


khona uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuguqula ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, uyakubuya, akuqoqe ezizweni zonke, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayekuhlakazele khona.


Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka