Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 104:1 - IsiZulu 2020

1 Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Simakade Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu kakhulu; wembethe udumo nobukhosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 104:1
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bongani uSimakade, nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe. Mbonge uSimakade, mphefumulo wami.


Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba bikho zikhohlakali. Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Haleluya!


USimakade mkhulu, umelwe ukudunyiswa kakhulu, ubukhulu bakhe abuqondakali.


Simakade, Nkulunkulu wami, ngiyaphephela kuwe; ngisindise, ungikhulule kubo bonke abangixoshayo,


USimakade uyiNkosi, wembethe ubukhosi, uSimakade uvunule, ubhince amandla. Izwe ulimise laqina, alinakunyakaziswa.


Ngokuba uSimakade unguNkulunkulu omkhulu, uyiNkosi enkulu ngaphezu konkulunkulu bonke.


Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe, amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.


Wembatha ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha; wazisonga ngokushisekela njengengubo.


“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


“Kuthe ngisabuka, kwase kubekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku. Izembatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele ekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo. Isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.


Ngakhuleka kuSimakade uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,


Wena Simakade Nkulunkulu wami, oNgcwele, awusiye yini owasemandulo na? Asiyukufa; usinqumele ukwehlulelwa; Wena Dwala, usibekele ukujeziswa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka