Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 103:2 - IsiZulu 2020

2 Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yomusa wayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 103:2
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UHezekiya akenzanga okuhle njengoba ayenzelwe okuhle, waphakama enhliziyweni yakhe, ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwaba phezu kwakhe nakuJuda neJerusalema.


Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezehlulelo zomlomo wakhe,


Bakhohlwa nguNkulunkulu, uMsindisi wabo, owayenze izinto ezinkulu eGibhithe,


Okhokho bethu beseseGibhithe abaziqondanga izibonakaliso zakho, ababukhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa, bakuhlubuka bengasolwandle, oLwandle Lomhlanga.


Ngiyakumnikani uSimakade ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle angenzele zona na?


Ngubani lona ovela kwa-Edomi, enezingubo ezibomvu zaseBhozira; lona ohlobe ngezembatho zakwanokusho, ohamba ngamandla amakhulu na? “Yimina engikhuluma ngokulunga, nenginamandla okusindisa.”


Ngiyakuwukhumbula umusa kaSimakade, ngimdumise uSimakade ngakho konke asenzele khona, nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli ayenzele khona, ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.


Walikhohlwa iDwala elakuzalayo, wamkhohlwa uNkulunkulu owakudalayo.


Ngabe nimbonga kanjalo uSimakade, na? Nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile, akasiye yini uyihlo anidalwanga nguye wanenza, wanimisa, na?


kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


“Uma abaholi bakwa-Israyeli behamba phambili, nabantu bazinikela ngokukhululeka, makadunyiswe uSimakade!


Inhliziyo yami ikubaholi bakwa-Israyeli abazinikele phakathi kwabantu. Dumisani uSimakade!


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka