Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 9:57 - IsiZulu 2020

57 UNkulunkulu wabuye wenza nobubi babantu baseShekhemi ukuba behlele phezu kwabo, baphinde behlelwa nayisiqalekiso uJothamu, indodana kaJerubhali, ayesikhulume kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

57 UNkulunkulu wabuyisela bonke ububi babantu baseShekemi emakhanda abo, behlelwa yisiqalekiso sikaJothamu indodana kaJerubali.*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

57 Futhi bonke ububi babantu baseShekemi uNkulunkulu wabubuyisela phezu kwamakhanda abo, futhi isiqalekiso sikaJothamu, indodana kaJerubali, sehlela phezu kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 9:57
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nami ngibuthakathaka namuhla nakuba ngigcotshiwe ukuba ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaZeruya, abalawuleki; uSimakade makaphindisele kulowo owenza okubi njengokwenza kwakhe okubi.”


Ezinsukwini zakhe, uHiyeli waseBhethele wabuye walakha kabusha iJerikho. Wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abhiramu, izibulo lakhe, amasango alo wawamisa ngokulahlekelwa nguthunjana wakhe, uSegubhi, njengalokhu uSimakade ayekhulumile ngomlomo kaJoshuwa, indodana kaNuni.


USimakade uzophindisela phezu kwakhe igazi lamadoda amabili alungileyo namahle kunaye awabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi ngalokho: u-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi yakwa-Israyeli, no-Amasa, indodana kaJetheri, umkhuzi wempi yakwaJuda.


Ngizokumnika uSimakade izibongo ezifanele ukulunga kwakhe, ngilihubele indumiso igama likaSimakade Ophezukonke.


Ukukhohlakala kwabo ukuphindisela kubo, uyobaqeda nya ngobubi babo; uSimakade uNkulunkulu wethu uyabaqeda.


Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.


Maye komubi! Kuzomhambela kabi, ngokuba kuyakwenziwa kuye lokho izandla zakhe ezikwenzileyo.


Ngaleso sikhathi uJoshuwa wenza lesi sifungo wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaSimakade lowo oyozama ukwakha lo muzi iJerikho. Obeka isisekelo salo uyakulahlekelwa yizibulo lakhe, ovuselela amasango alo uyakulahlekelwa yindodana yokugcina.”


U-Adoni Bhezekhi, wathi: “Amakhosi angama-70 anqunywe izithupha noqukula ayevame ukucosha imvuthuluka ewa etafuleni lami, njengoba ngenzile, ngalokho uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamletha eJerusalema, wafela khona.


Emva kuka-Abhimelekhi kwavela uThola, indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakhare ukuba akhulule u-Israyeli, owayehlala eShamiri kwelezintaba kwa-Efrayimi.


kodwa uma kungenjalo, makuphume umlilo ku-Abhimelekhi, uqothule zonke izakhamuzi zaseShekhemi naseBhethi Milo, kuphume umlilo ezakhamuzini zaseShekhemi naseBhethi Milo ubhubhise u-Abhimelekhi.”


Lokho kwenzeka ukuze kuphindiseleke unya alwenza emadodaneni kaJerubhali angama-70, nokuba igazi lawo libe phezu komfowabo u-Abhimelekhi, owawabulalayo, naphezu kwezakhamuzi zaseShekhemi ezenza abe namandla okubulala abafowabo.


U-Abhimelekhi walwa nomuzi lonke lolo lusuku; wawudla umuzi, wabulala abantu ababekuwo, wawushisa umuzi, wawufaza ngosawoti.


UNkulunkulu waphindisela kanjalo ku-Abhimelekhi ngobubi ayebenze kuyise, ngokubulala abafowabo abangama-70.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka