Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 9:24 - IsiZulu 2020

24 Lokho kwenzeka ukuze kuphindiseleke unya alwenza emadodaneni kaJerubhali angama-70, nokuba igazi lawo libe phezu komfowabo u-Abhimelekhi, owawabulalayo, naphezu kwezakhamuzi zaseShekhemi ezenza abe namandla okubulala abafowabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 ukuba ubudlova obenziwe kuwo amadodana angamashumi ayisikhombisa kaJerubali* bufike, negazi labo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owababulala, naphezu kwabaseShekemi abaqinisa izandla zakhe ukuba abulale abafowabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ukuze ububi obenziwa kumadodana kaJerubali angamashumi ayisikhombisa bufike, negazi lawo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owawabulalayo; nangabakwaShekemi abamsiza ekubulaleni abafowabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 9:24
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade uzophindisela phezu kwakhe igazi lamadoda amabili alungileyo namahle kunaye awabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi ngalokho: u-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi yakwa-Israyeli, no-Amasa, indodana kaJetheri, umkhuzi wempi yakwaJuda.


Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lozalo lwakhe kuze kube phakade, kepha kuDavide, nasozalweni lwakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuSimakade.”


kodwa u-Esteri eseyitshelile inkosi ngaleyo ndaba, yathi akubhalwe izincwadi zokuguqula lelo lisu elibi likaHamani ayehlose ngalo ukucekela phansi abaJuda, lelo cebo laba yisijeziso esehlela yena namadodana akhe, baphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.


Ububi bubuyela ekhanda lakhe, ubudlova bakhe behlele ekhanda lakhe.


Ngizokumnika uSimakade izibongo ezifanele ukulunga kwakhe, ngilihubele indumiso igama likaSimakade Ophezukonke.


“ ‘Aniyukulingcolisa izwe enihlala kulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; ayikho inhlawulo yezwe ngegazi elichitheke kulo, kuphela ngegazi lalowo olichithile.


“ ‘Makaqalekiswe owemukela ukufunjathiswa ukuze abulale ongenacala, achithe igazi lakhe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


U-Adoni Bhezekhi, wathi: “Amakhosi angama-70 anqunywe izithupha noqukula ayevame ukucosha imvuthuluka ewa etafuleni lami, njengoba ngenzile, ngalokho uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamletha eJerusalema, wafela khona.


Ngenxa yobutha kuye, izikhulu zaseShekhemi zabeka ezicongweni zezintaba abantu ukuba bamlalele unyendle. Bagebenga bonke ababedlula ngaleyo ndlela; kwabikwa lokho ku-Abhimelekhi.


USamuweli wathi: “Njengalokhu inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana njengabanye.” USamuweli wayesemhlahlela u-Agagi phambi kukaSimakade, eGiligali.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka