Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 8:30 - IsiZulu 2020

30 UGideyoni wayenamadodana angama-70 ayephume okhalo lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa aphuma okhalweni lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

30 UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisithupha esinqeni sakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 8:30
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho-ke indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.


Bonke abantu abangena eGibhithe noJakobe, abavela okhalo lwakhe ngaphandle kwabafazi babo, babengama-66.


UNowa nowakwakhe namadodana akhe nomkawo bangena emkhunjini ukuze baphephe ezikhukhuleni zikazamcolo.


USolomoni wayenabafazi abangamadodakazi amakhosi abangama-700, nezancinza ezingama-300. Amakhosikazi akhe ayiphambukisa inhliziyo yakhe.


U-Ahabi wayenamadodana angama-70 eSamariya. UJehu wabhala izincwadi, wazithumela eSamariya ezikhulwini zaseJizreyeli, kumalunga, nakubaqaphi bakwa-Ahabi, wathi:


Sebebonke abaphuma okhalo lukaJakobe babengabantu abangama-70. UJosefa wayevele eseseGibhithe.


“Kanti uSimakade akabenzanga yini baba nyamanye na? Emoyeni nasenyameni bangabakhe. Kungani babe munye na? Wayefuna ulibo olunobuNkulunkulu. Ngakho-ke qaphela enhliziyweni yakho, ukuba ungamkhohlisi unkosikazi wobusha benu.


Akayukuthola abafazi abaningi, funa inhliziyo yakhe ihlubuke, futhi angabi nesiliva negolide eliningi.


Wayenamadodana angama-30 ayegibela izimbongolo ezingama-30, enemizi engama-30 kwaGileyadi elibizwa ngokuthi yiHavothi Jayiri kuze kube namuhla.


Wayenamadodana angama-40, nabazukulu abangama-30 ababegibela izimbongolo ezingama-70; wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisishiyagalombili.


Wayenamadodana angama-30. Amadodakazi angama-30 wawaganisa ngaphandle kwesizwe sakhe, wathathela amadodana akhe izintombi ezingama-30 ngaphandle kwesizwe sakhe. Wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisikhombisa.


Isancinza sakhe esasiseShekhemi samzalela naso indodana, wayiqamba ngokuthi ngu-Abhimelekhi.


U-Abhimelekhi, indodana kaJerubhali, waya eShekhemi ezihlotsheni zikanina nakubo bonke abomndeni wasekhayakonina, wathi:


kodwa namhlanje niyivukele indlu kababa, nabulala amadodana akhe, angama-70 etsheni elilodwa, nabeka u-Abhimelekhi, indodana yowesifazane oyisigqila, ukuba abe yinkosi phezu kwezakhamuzi eShekhemi, ngoba nje eyisihlobo senu,


“Shonini kuzwa zonke izikhulu zaseShekhemi, ukuthi: ‘Yikuphi okungcono kini, ukuba nibuswe yiwo wonke amadodana kaJerubhali angama-70 noma nibuswe ngumuntu oyedwa, na?’ Khumbulani futhi ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.”


Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubhali angama-70 etsheni elilodwa, kwasala uJothamu, uthunjana kaJerubhali, ngokuba wacasha.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka