Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 4:7 - IsiZulu 2020

7 Ngizokumyenga uSisera, umkhuzi wempi kaJabhini nezinqola zakhe zempi namabutho akhe, ukuba babhekane nawe ngasemfuleni iKhishoni, ngizakumnikela esandleni sakho.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngiyakusondeza kuwe emfudlaneni iKishoni uSisera induna yempi kaJabini, nezinqola zakhe, nesixuku sakhe, ngimnikele esandleni sakho.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngiyakudonsela kuwe uSisera induna yempi kaJabini nezinqola zakhe nesixuku sakhe emfuleni iKishoni; ngiyakumnikela esandleni sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 4:7
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Eliya wathi kubo: “Bambani abaphrofethi bakaBhali, kungabaleki noyedwa kubo.” Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni, wababulalela lapho.


Mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yabaseGibhithe ukuze banilandele, ngiyofumana udumo ngoFaro nangayo yonke impi yakhe, izinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi.


“Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo.


USimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe, wabalandela abantu bakwa-Israyeli ngokuba babephume ngesandla esiphakeme.


Kepha uma kube yingozi engakusophile, kunguNkulunkulu omnikele esandleni sakhe, ngiyakummisela indawo lapho eyobalekela khona.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akukho namunye kubo oyakuma phambi kwakho.”


Ngokuba kwakungukwenza kukaSimakade ukuba izinhliziyo zabo zibe lukhuluni, ukuze bazokulwa no-Israyeli abehlule abaqothule, angabi namusa kubo, kodwa ashaye icole, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke kuwe bebulewe, phambi kuka-Israyeli; wena uzonquma amahhashi abo imisipha, izinqola zabo uzishise ngomlilo.”


niyakuvuka niwuthelekele umuzi, niwudle, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uzowunikela ezandleni zenu.


UDebhora wathi kuBharaki: “Sukuma! Lolu lusuku uSimakade amnikele ngalo uSisera esandleni sakho. USimakade akahambanga yini phambi kwakho, na?” Ngakho-ke uBharaki wehla entabeni iThabhori namabutho ayizi-10 000 emlandela.


UBharaki wathi kuye: “Uma uhamba nami, ngizokuya, kodwa uma ungahambi nami, ngeke ngihambe.”


Umfudlana iKhishoni wabakhukhula, umfudlana odla izindwani, umfudlana iKhishoni. Nyathela, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.


Uyabona-ke, namuhla uzibonele ngawakho amehlo ukuthi uSimakade ubekunikele esandleni sami emgedeni. Abanye bathe mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angisoze ngiyibulale inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaSimakade.’


Namuhla ukuveze obala ukuthi ungenzele okuhle kanjani, ngokuba uSimakade unginikele esandleni sakho, kodwa wena awungibulalanga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka