Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 4:12 - IsiZulu 2020

12 Kwathi ukuba uSisera bamtshele ukuthi uBharaki, indodana ka-Abhinowami, wenyukele entabeni iThabhori,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki indodana ka-Abinohama ukhuphukele entabeni yaseThabori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki, indodana ka-Abinohama, ukhuphukele entabeni yaseThabori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 4:12
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nguwe owadala inyakatho neningizimu, iThabhori neHermoni kuyathokoza egameni lakho.


Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme.


“Ngifunga ngiyagomela,” kusho iNkosi, egama layo kunguSimakade Wamabandla, “kukhona ozayo ofana neThabhori phakathi kwezintaba, nanjengeKharmeli ngasolwandle.


“Yizwani lokhu nina baphristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwehlulelwa ngokwenu, phela nibe wugibe eMizpha nenetha elendlaliweyo eThabhori.


ujike eSaridi, ubheke ngasempumalanga lapho kuphuma khona ilanga, uze uyofika emngceleni eKhisilothi Thabhori, usuke lapho ubheke eDabherathi, bese wenyukela eJafiya;


umngcele wabo uze ufinyelele eThabhori, eShahazuma, naseBhethi Shemeshi; uze uphele eJordani, imizi eli-16 nemizana yayo.


bese uyajika umngcele ubheke ngasentshonalanga e-Azinothi Thabhori; udlule lapho uye eHukhokhi, uze uyofika kwaZebuloni ngaseningizimu, nakwa-Asheri ngasentshonalanga, nakwaJuda ngaseJordani ngasempumalanga.


UHebhere umKheni kodwa wayezehlukanisile namaKheni, ayeluzalo lukaHobhabhi, umukhwe kaMose, wamisa ithende lakhe ngasesihlahleni esikhulu eZananimi eliseduze neKedeshi.


uSisera waqoqa zonke izinqola zakhe zempi, izinqola zensimbi ezingama-900 nawo wonke amabutho ayenawo, basuka eHaroshethi labezizwe baya emfudlaneni iKhishoni.


Wathumela eKedeshi kwaNafethali ukuba kubizwe uBharaki, indodana ka-Abhinowami, wathi kuye: “USimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuyale wathi: ‘Hamba umise entabeni iThabori, uthathe amabutho ayizi-10 000 ozalweni lukaNafethali nolukaZebuloni uye nawo entabeni iThabhori.


Wathi kuZebha noZalimuna: “Nithini ngamadoda enawabulala eThabhori, na?” Baphendula bathi: “Lawo madoda ayefana nawe, wonke ayefana namadodana enkosi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka