Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 18:14 - IsiZulu 2020

14 Amadoda ayisihlanu ayekade ezohlola iLayishi athi kubafowabo: “Niyazi nje ukuthi kulezi zindlu kukhona ingubo yamahlombe, netherafimi nesithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, na? Cabangisisani ukuthi nizokwenzenjani.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe laseLayishi base bephendula, bathi kubafowabo: “Niyazi yini ukuthi kukhona kulezi zindlu ingubo yamahlombe, namatherafi,* nesithombe esibaziweyo, nesithombe esibunjiweyo na? Ngalokho cabangani manje ukuthi niyakwenzani.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Amadoda ayisihlanu abeye ukuhlola izwe laseLayishe aphendula, athi kubafowabo: “Niyazi yini ukuthi kulezi zindlu kukhona onkulunkulu bamatshe nendlu, nesithombe esibaziweyo, nesithombe esibunjiweyo na? manje-ke qaphelani okufanele nikwenze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 18:14
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ndodana yami, uma uyeka ukulalela ukuyalwa, uyakuduka emazwini okwazi.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.


Leyo ndoda enguMikha yayinendlu enonkulunkulu, yenza ingubo yamahlombe netherafimi, yabeka enye yamadodana ayo ukuba ibe ngumphristi wayo.


Asuka lapho, aqhubekela kwelezintaba kwa-Efrayimi, aze afinyelela endlini kaMikha.


Baphambukela lapho, bafika endlini yensizwa yomLevi, endlini kaMikha, bayibuza impilo.


UGideyoni wenza ingubo yamahlombe, wayibeka emzini wakhe e-Ofira, bonke abakwa-Israyeli baphinga nayo lapho, yaba wugibe kuGideyoni nabomndeni wakhe.


Omunye kubantu wathi: “Uyihlo ubafungisile nokubafungisa abantu, wathi: ‘Makaqalekiswe umuntu ozokudla ukudla namuhla.’ Abantu base bephelelwe ngamandla.”


UMikhali wathatha itherafimi, walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa ngezingubo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka