Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 13:7 - IsiZulu 2020

7 kodwa uthe kimi: ‘Uzakukhulelwa, uzale indodana. Ngakho-ke ungaphuzi wayini nophuzo olunamandla, futhi ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba umfana uzokuba ngumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha wathi kimi: ‘Bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; ngakho ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa wathi kimi: Khangela, uzakhulelwa, uzale indodana; manje ungaphuzi wayini nasiphuzo esinamandla, ungadli lutho olungcolileyo; ngoba umfana uzakuba ngumNazaretha kaNkulunkulu kusukela esizalweni kuze kube lusuku lokufa kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 13:7
6 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha, bathi: “Asiliphuzi iwayini, ngokuba uJonadaba, indodana kaRekhabhi, ukhokho wethu, wasiyala, wathi: ‘Ningaliphuzi iwayini, nina namadodana enu, kuze kube phakade.


Ngavusa amanye amadodana enu aba ngabaphrofethi, nezinye izinsizwa zenu zaba ngamaNaziri. Akunjalo yini bantu bakwa-Israyeli na?” kusho uSimakade.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esilukhuni sokuba ngumnaziri, abe ngumnaziri kuSimakade,


Qaphela ukuthi ungaliphuzi iwayini nophuzo olunamandla, futhi ungadli lutho olungcolileyo,


Owesifazane wahamba wabikela umyeni wakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sifana nesengelosi kaNkulunkulu, esabeka kakhulu. Angimbuzanga ukuthi uvelaphi, futhi akangitshelanga igama lakhe,


UManowa wayesekhuleka kuSimakade, wathi: “Nkosi, ngiyakunxusa, makuthi umuntu kaNkulunkulu obumthumile abuye eze kithi asifundise ukuthi siyakwenzenjani maqondana nomfana ozakuzalwa.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka