Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 13:20 - IsiZulu 2020

20 Kwathi lapho ilangabi lenyukela ezulwini, lisuka e-althare, ingelosi kaSimakade yenyuka ngalo, uManowa nomkakhe bebukela, base bethi mbo ngobuso emhlabathini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kwathi ilangabi lisaphuma e-altare lenyukela ngasezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka elangabini le-altare; uManowa nomkakhe babukela; bawa ngobuso emhlabathini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngokuba lapho ilangabi lenyuka lisuka e-altare liya ezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka ngelangabi le-altare. UManowa nomkakhe bakubona, bawa ngobuso emhlabathini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 13:20
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrama wakhothama wathi mbo ngobuso, uNkulunkulu wathi kuye:


Kwathi besalokhu behamba bexoxa, bheka, kwaqhamuka inqola yomlilo namahhashi omlilo, abehlukanisa, u-Eliya wenyukela ezulwini ngesivunguvungu.


UDavide waphakamisa amehlo akhe wayibona ingelosi kaSimakade imi emkhathini womhlaba nezulu, ikhokhe inkemba esandleni sayo iyelulele phezu kweJerusalema. UDavide namalunga babembethe ingubo yesaka base bekhothama bathi mbo ngobuso.


UDavide wafika ku-Orinani, u-Orinani wabheka, wabona uDavide, waphuma esibuyeni, wakhothama kuDavide, ubuso bakhe bubheke phansi.


UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wakhuleka kuSimakade. USimakade esezulwini waphendula ngomlilo e-althare leminikelo wokushiswa.


UNkulunkulu wenyuke ngenhlokomo, uSimakade ngokukhala kwecilongo.


Ngaphezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakukhona okungathi yitshe lesafire, libukeka njengesihlalo sobukhosi. Phezu kwesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu.


Njengothingo lwenkosazana emva kwemvula, kwakubonakala kunjalo ukumenyezela kwakho nxazonke. Kwakufana nenkazimulo kaSimakade. Kwathi lapho ngiyibona ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.


Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngizwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.


Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, waqothula umnikelo wokushiswa, namanoni okwakuse-althare; abantu bonke bekubona lokho, bakhamuluka, bakhothama phansi ngobuso.


Kuthe lapho bekuzwa lokho abafundi, bathi mbo ngobuso phansi, ngokuba babethukile kakhulu.


Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe futhi ifuze Yena luqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo. Ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.


UGideyoni wangena endlini yakhe, wahlaba izinyane lembuzi, wenza namaqebelengwane angenamvubelo nge-efa lempuphu; inyama wayifaka equthwini, umhluzi wawuthela ekhanzini, wakuletha kuye phansi kwesihlahla somu-okhi.


Ingelosi kaSimakade yayisithinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo ngesihloko senduku eyayisesandleni sayo; kwaphuma umlilo edwaleni, wadla inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaSimakade yayisinyamalala emehlweni akhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka