Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 12:4 - IsiZulu 2020

4 UJeftha wayeseqoqa wonke amadoda akwaGileyadi, walwa nabakwa-Efrayimi; amadoda akwaGileyadi abehlula abakwa-Efrayimi, ngokuba bathi: “Ningabakhoselayo bakwa-Efrayimi nina bakwaGileyadi, niphume phakathi kwabakwa-Efrayimi nabakwaManase.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJefta wayesebutha bonke abantu bakwaGileyadi, walwa no-Efrayimi; abantu bakwaGileyadi bamahlula u-Efrayimi, ngokuba bathi: “Ningababalekileyo bakwa-Efrayimi nina bakwaGileyadi phakathi kwabakwa-Efrayimi naphakathi kwabakwaManase.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJefta wayesebutha onke amadoda akwaGileyadi, walwa no-Efrayimi; amadoda akwaGileyadi amchitha u-Efrayimi, ngokuba athi: “Nina maGileyadi ningababaleki bakwa-Efrayimi phakathi kwabakwa-Efrayimi nabakwaManase.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 12:4
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


Ngase ngikhuleka, ngithi: “Nkulunkulu wami, yizwa ukuthi basedelela kanjani, uyibuyisele kubo inhlamba yabo, ubanikele babe njengempango ezweni lokuthunjwa.


Abantu bakwa-Efrayimi, sebehlomile bephethe iminsalo, babuyela emuva ngosuku lwempi.


Omubi ubanjwa ukuphambuka kwakhe kwakusho ngomlomo wakhe, kodwa olungileyo uyaphuma enkathazweni.


Impendulo ezothile iyaludambisa ulaka, kodwa izwi elilimazayo libhebhezela intukuthelo.


Amalunga akwaGileyadi athi kuye: “USimakade uyokuba ngufakazi phakathi kwethu, impela sizokwenza njengalokhu usho.”


Lapho ngibona ukuthi aningihlenganga, ngabeka impilo yami engcupheni, ngawela ngayolwa nabakwa-Amoni, uSimakade wabanikela esandleni sami. Yini-ke enenze manje nikhuphukele kimi namuhla, ukuzokulwa nami, na?”


AbakwaGileyadi badla amazibuko eJordani phambi kwabakwa-Efrayimi. Kwakuthi okhoselayo wakwa-Efrayimi uma ethi: “Mangiwele,” abantu abakwaGileyadi bathi: “Ungowakwa-Efrayimi, na?” Uma ethi: “Qha,”


UNabali waziphendula izinceku zikaDavide, wathi: “Ngubani uDavide na? Ngubani indodana kaJese? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka