Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 1:23 - IsiZulu 2020

23 Bathumela izinhloli eBhethele elalikade laziwa ngokuthi yiLuzi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele; igama lomuzi laliyiLuze kuqala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Indlu kaJosefa yathumela ukuhlola iBethele. (Manje igama lomuzi laliyiLuze.)

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 1:23
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiBhethele, kodwa ekuqaleni igama lalowo muzi lalaziwa ngokuthi yiLuzi.


UJakobe wafinyelela eLuzi, eKhanani, okuyiBhethele, nabo bonke ayehamba nabo.


UJakobe wathi kuJosefa: “UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi ngiseLuzi eKhanani, wangibusisa,


Isabelo sabozalo lukaJosefa sasisuka eJordani ngaseJerikho empumalanga yamanzi eJerikho, kuya ehlane, sikhuphuke kusuka eJerikho kuye kwelezintaba kuze kufike eBhethele,


bese sisuka eBhethele kuya eLuzi, sidabule ngase-Atharothi, isifunda sama-Arikithe;


Kusuka lapho umngcele wedlula ngaseningizimu ngendlela eya eLuze, eceleni kweLuze eliyiBhethele, wehlele e-Atharothi Adari entabeni esezansi ngaseningizimu yeBhethi Horoni.


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.


UJoshuwa wathumela amadoda esuka eJerikho eya e-Ayi, umuzi owawuseduzane neBhethi Aveni ngasempumalanga yeBhethele, wathi kuwo: “Khuphukani niyohlola izwe.” Amadoda ahamba, awuhlola umuzi i-Ayi.


Abendlu kaJosefa benyuka bahlasela iBhethele, uSimakade wayenabo.


Abozalo lukaDani bathumela amaqhawe amahlanu emele yonke imindeni yabo, kusukela eZora nase-Eshithawoli, ukuba ayohlola izwe, bathi kuwo: “Hambani nihlole izwe.” Lapho efika kwelezintaba kwa-Efrayimi, endlini kaMikha, ahlala lapho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka