Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 8:18 - IsiZulu 2020

18 uBhenaya, indodana kaJehoyada, engamele amaKherethi namaPhelethi; amadodana kaDavide engabaphristi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabapristi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKreti nasePleti; amadodana kaDavide ayeyizinhloko.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 8:18
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe nawo wonke amaKherethi, nawo wonke amaPhelethi, nawo wonke amaGithi, abantu abangama-600, ababeyilandela besuka eGathi, bedlula phambi kwenkosi.


UJowabe wayesengumkhuzi wayo yonke impi yakwa-Israyeli. UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayengamele amaKherethi namaPhelethi.


U-Ira umJayiri engumphristi kaDavide.


Walandelwa ngamadoda kaJowabe, amaKherethi, amaPhelethi nawo wonke amaqhawe. Baphuma eJerusalema ukuba bamxoshe uSheba, indodana kaBhikhiri.


UZadoki umphristi, uNathani umphrofethi, uBhenaya, indodana kaJehoyada, amaKherethi namaPhelethi behla, bamgibelisa uSolomoni emnyuzini wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.


Inkosi ithumele noZadoki umphristi, uNathani umphrofethi, uBhenaya, indodana kaJehoyada, amaKherethi namaPhelethi, bamgibelisa emnyuzini wenkosi.


Kepha uZadoki umphristi, uBhenaya indodana kaJehoyada, uNathani umphrofethi, uShimeyi, uReyi namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.


Inkosi uSolomoni yayisithumela uBhenaya, indodana kaJehoyada, ukuba imhlasele imbulale; wafa kanjalo-ke.


uBhenaya, indodana kaJehoyada, owayengumkhuzi wempi; uZadoki no-Abhiyathara ababengabaphristi;


u-Azariya, indodana kaNathani, owayengamele zonke izikhulu; uZabudi, indodana kaNathathi, owayengumphristi nomngani wenkosi


Ngonyaka wesikhombisa, uJehoyada wathumela walanda izinduna zamakhulu zamaKharithe nezabalindi, wazingenisa kuye endlini kaSimakade. Wenza isivumelwano nazo, wazifungisa zisendlini kaSimakade, wayesezibonisa indodana yenkosi.


UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli, wabulala amaqhawe amabili, u-Ariyeli wakwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini, ngosuku kukhithike iqhwa.


UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayengamele amaKherethi namaPhelethi; amadodana kaDavide ayesondele, engawokuqala ngasenkosini.


ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, sengizokwelulela isandla sami kumaFilisti, ngimelane nawo, ngiwabulale amaKherethi, ngibhubhise insali esogwini lolwandle.


Maye, kwabakhileyo ngasogwini lolwandle, sizwe samaKherithe! Izwi likaSimakade limelene nawe, Khanani, lizwe lamaFilisti. “Ngiyakukubhubhisa kungahlali muntu.”


Sasihlasele ngaseNegevu eKherethi, nakwaJuda, naseningizimu kaKhalebhu, salishisa ngomlilo iZikilagi, langqongqa.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka