Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 7:16 - IsiZulu 2020

16 Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Indlu yakho nombuso wakho kuyakuma phambi kwakho kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi sizaqiniswa kuze kube nininini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 7:16
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.


Uyenza insindiso ibe nkulu kakhulu enkosini; umenzele umusa uDavide, ogcotshiweyo wakho, nabozalo lwakhe, kuze kube phakade.”


Nguye oyakukwakhela iGama lami indlu; ngiyakusiqinisa isihlalo sombuso wakhe kuze kube phakade.


UNathani wawakhuluma kuDavide wonke lawo mazwi nakho konke lokho akubonile.


Ngalokho uSimakade uyakuqinisa izwi lakhe alikhuluma maqondana nami, lapho ethi: ‘Uma abozalo lwakho beyoqaphela indlela yabo, bahambe ngobuqotho phambi kwami ngenhliziyo yabo yonke nangawo wonke umphefumulo wabo, akuyukusweleka muntu kubo oyohlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.’


ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengoba ngakhuluma kuDavide, uyihlo, ngathi: ‘Akunakwenzeka kungabi bikho muntu ovela kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’


Ngiyakuwuvikela lo muzi, ngiwusindise ngenxa yami, nangenxa yenceku yami, uDavide.’ ”


USimakade wayengathandi ukumbhubhisa uJuda ngenxa kaDavide, inceku yakhe, nanjengokuba ayeshilo kuye ukuthi uyakumnika yena nezizukulwane zakhe isibani izinsuku zonke.


“Manje Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide, ubaba, lokho owakukhuluma kuyo uthi: ‘Akuyukwesweleka muntu kuwe, phambi kwami, oyohlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli. Uma nje abozalo lwakho beqaphela indlela yabo, ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokhu wena uhambile phambi kwami.’


Amehlo akhe akawasusi kwabalungileyo, kodwa ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame, kuze kube phakade.


Nkulunkulu, isihlalo sakho sobukhosi simi kuze kube phakade. Intonga yokulunga iyintonga yombuso wakho.


Bayakwesaba Wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane.


“Uzalo lwakho ngizoluqinisa kuze kube phakade, isihlalo sakho sobukhosi ngisisimamise izizukulwane ngezizukulwane.” Sela


Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


kuyongena emasangweni alo muzi, amakhosi nezikhulu abahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, begibele ezinqoleni nasemahhashini, bona nezikhulu zabo, nabantu bonke bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, lo muzi uyakuba khona kuze kube phakade.


“Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: ‘UDavide akayukumswela umuntu oyohlala esihlalweni sobukhosi sendlu ka-Israyeli.


Bayakuhlala ezweni engilinike inceku yami, uJakobe, ababehlala kulo okhokho bakho; bayakuhlala kulo, bona nabantwana babo, nezizukulwane zabo kuze kube phakade. UDavide inceku yami uyakuba yinkosi yabo kuze kube phakade.


“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula.


Ngakho isixuku samphendula, sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKhristu uyakuphila phakade. Pho usho kanjani ukuthi iNdodana yomuntu ifanelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”


Kepha ngeNdodana, uthi: “Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, simi kuze kube phakade; nentonga yokulunga, iyintonga yombuso wakho.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Thethelela, ngiyakucela, icala lencekukazi yakho, ngokuba uSimakade uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaSimakade; ububi abuyukufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka