2 Samuweli 24:13 - IsiZulu 202013 UGadi wafika kuDavide wambikela, wathi kuye: “Izofika yini kuwe: iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma izinyanga ezintathu ubaleka ezitheni eziyobe zilokhu zikuxoshile, noma izinsuku ezintathu zobhubhane ezweni lakini na? Manje-ke, cabangisisisa, unqume ukuthi mpendulo yini engizokuyibuyisela kongithumileyo.” Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE13 UGadi wayesefika kuDavide, wamtshela, wathi kuye: “Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na? Manje cabanga, ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.” Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 202413 UGadi wasefika kuDavida, wamtshela wathi kuye: Ufike phezu kwakho iminyaka eyisikhombisa yendlala elizweni lakini? Noma uyakubalekela izitha zakho izinyanga ezintathu, zikuxoshe? noma kukhona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini? ake welulekeni, nibone ukuthi ngizakumphendula bani ongithumileyo. Uka jalj uñjjattʼäta |
‘Zikhethele noma kube yiminyaka emithathu yendlala, noma izinyanga ezintathu unqotshwa yizitha zakho ngenkemba yazo, noma izinsuku ezintathu zenkemba kaSimakade nobhubhane ezweni, ingelosi kaSimakade ibhubhisa kulo lonke elakwa-Israyeli. Manje-ke qoka, lizwi lini engiyakulibuyisela kongithumileyo na?’ ”