Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 23:16 - IsiZulu 2020

16 Lawo maqhawe amathathu afohla, angena enkanjini yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni eBhethlehema ongasesangweni. Awathatha awaletha kuDavide, kodwa akavumanga ukuwaphuza; wawathululela uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lawo maqhawe amathathu afohla ikamu* lamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Lawo maqhawe amathathu afohla impi yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawusesangweni, awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, wawathululela kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 23:16
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wayesemisa insika lapho uNkulunkulu ayekhulume naye khona, insika yetshe, wathela amafutha kuyo, wathela nomnikelo wokuphuzwayo.


Wayelandelwa ngu-Eleyazare, indodana kaDodo, indodana ka-Ahowahi. Wayengomunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhlazana edelela amaFilisti ayeqoqene lapho ukuze alwe no-Israyeli, kodwa abakwa-Israyeli base behambile.


Lawo maqhawe amathathu afohla, angena enkanjini yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni eBhethlehema ongasesangweni. Awathatha awaletha kuDavide, kepha akavumanga ukuwaphuza; wawathululela uSimakade.


Noma umuntu oyedwa engehlulwa, nxa bebabili bangazivikela. Intambo emicu mithathu ayigqabuki kalula.


Vuka umpongoloze ezinzulwini zobusuku, inhliziyo yakho uyithulule njengamanzi phambi kobuso beNkosi. Phakamisela izandla zakho kuyo, ukhulekele izingane zakho, ezibulawa yindlala emajikeni ayo yonke imigwaqo.


Umnikelo wawo wokuphuzwayo uyokuba ngokwesine kwehini ngemvu eyodwa. Umnikelo wesiphuzo esinamandla uyothululelwa uSimakade endaweni engcwele.


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


ngokuba akwandile ukuba umuntu angafela olungileyo, kodwa hleze kube khona ongazidela afele umuntu oqotho.


Uthando lukaKhristu luyasiqhubezela; lokhu sibona ukuthi munye owafela bonke, ngakho-ke bonke sebafa;


Yebo, nakuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza nani nonke.


Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”


Ngakho-ke abakwa-Israyeli babuthana eMizpha. Bakha amanzi, bawathulula phambi kukaSimakade, bazila, bathi: “Sonile kuSimakade.” USamuweli wabehlulela abantu bakwa-Israyeli eMizpha.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka