Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 2:18 - IsiZulu 2020

18 Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaZeruya, uJowabe, u-Abhishayi no-Asaheli. U-Asaheli wayewunyazi egijimisa okwensephe endle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaSeruya, uJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayelula ezinyaweni zakhe njengemfene.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 2:18
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“USawule noJonathani babethandeka, beyigugu; ekuphileni nasekufeni kwabo kabehlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, benamandla kunezingonyama.


UJowabe, indodana kaZeruya, wabona ukuthi inhliziyo yenkosi iku-Absalomu.


U-Asaheli wamhubha u-Abhineri, akaze achezukela kwesokunene noma kwesokhohlo ekumlandeleni.


Yena wenza izinyawo zami zibe njengezendlunzelakazi, angimise ezindaweni eziphakemeyo.


Phakathi kwabangama-30 kwakungu-Asaheli, umfowabo kaJowabe, u-Elihanani, indodana kaDodo waseBhethlehema,


“Phezu kwalokho, uyazi ukuthi uJowabe, indodana kaZeruya, wenzani kimi, nokuthi wabaphatha kanjani abakhuzi ababili bempi ka-Israyeli; u-Abhineri, indodana kaNeri, no-Amasa, indodana kaJetheri, ababulalayo, wachitha igazi ngokulwa ngesikhathi sokuthula. Wabheca igazi lokulwa ebhandeni lakhe elalisokhalo, nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.


Phakathi kwalawo maqhawe anamandla kwakungo-Asaheli, umfowabo kaJowabe, u-Elihanani indodana kaDodo waseBhethlehema,


KwabakwaGadi, abanye bazehlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, amabutho azilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bufana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni:


u-Ezeri inhloko, owesibili u-Obhadiya, owesithathu u-Eliyabe,


Owayengamele isigaba sesine esasingena ngenyanga yesine kwakungu-Asaheli, umfowabo kaJowabe, elekelelana nendodana yakhe, uZebadiya. Esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000.


Wenza izinyawo zami zibe njengezendluzele, angimise ngiqine ezindaweni zami eziphakemeyo.


Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke.


Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, phenduka wena othandiweyo wami, ufane nensephe noma nesixhumo sendluzele ezintabeni ezimakhelekehle.


Shesha, njengensephe, noma isixhumo sendluzelekazi ezintabeni zamakha, wena othandiweyo wami.


Onejubane ngeke aphunyuke; onamandla akayukuzihlenga ngamandla akhe, neqhawe aliyukuyisindisa impilo yalo.


USimakade iNkosi, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezendluzela, enze ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelelisa ngohabhu lwami.


UDavide wakhuluma ku-Ahimelekhi, umHethi, naku-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, wathi: “Ngubani ozokwehla nami siye kuSawule enkanjini na?” U-Abhishayi wathi: “Ngizokwehla nawe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka