Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 19:41 - IsiZulu 2020

41 Bheka, kwase kuza bonke abantu bakwa-Israyeli enkosini, bathi kuyo: “Kungani abafowethu bakwaJuda beyebile inkosi, bayiweza iJordani nabo bonke abendlu yayo, nabo bonke abantu bakaDavide ababenayo na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Bheka, base befika bonke abantu bakwa-Israyeli enkosini, bathi enkosini: “Abafowethu amadoda akwaJuda bakwebeleni, bawelisa inkosi nabendlu yayo iJordani kanye nabo bonke abantu bakwaDavide benaye, na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Bheka, bonke abantu bakwa-Israyeli beza enkosini, bathi enkosini: “Abafowethu, abantu bakwaJuda, bakwebeleni, bawelisa inkosi nendlu yayo yonke iJordani kanye nawo wonke amadoda kaDavide na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 19:41
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi uDavide yathumela kuZadoki no-Abhiyathara, abaphristi, yathi: “Khulumani kumalunga akwaJuda, nithi: ‘Kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi esigodlweni sayo, lokhu konke okushiwo ngu-Israyeli sekufinyelele enkosini nasendlini yayo na?


Ningabafowethu nina, ithambo nenyama yami, pho-ke kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisa inkosi na?’


Abantu bangena benyenya emzini ngalolo lusuku kungathi banamahloni, ngoba bebalekela impi.


Amadoda akwa-Efrayimi abizwa ukuba ahlome, ase ewelela eZafoni, athi kuJeftha: “Uweleleni wayokulwa nabakwa-Amoni, wangasibiza thina ukuba sihambe nawe, na? Sizoyithungela ngomlilo indlu yakho, iwele phezu kwakho.”


Abakwa-Efrayimi base bethi kuGideyoni: “Ukwenzeleni lokhu kithi, ukuba ungasibizi uma uyolwa nabakwaMidiyani, na?” Bamthethisa kakhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka