Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 19:21 - IsiZulu 2020

21 U-Abhishayi, indodana kaZeruya, waphendula, wathi: “UShimeyi akayukubulawa yini ngalokho, njengoba wathuka ogcotshiweyo kaSimakade na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya waphendula wathi: “UShimeyi akayikubulawa yini ngalokho, njengokuba wathuka ogcotshiweyo kaJehova, na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kodwa u-Abishayi indodana kaSeruya waphendula wathi: “UShimeyi akayikubulawa ngalokho, ngokuba waqalekisa ogcotshiweyo weNkosi na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 19:21
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide nabantu bakhe baqhubeka nendlela; uShimeyi wagudla intaba elinganisene nabo, ehamba ebathuka, ebajikijela ngamatshe, futhi ebathela ngomhlabathi.


Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBhahurimi, kwaphuma omunye wabomndeni wendlu yenkosi uSawule, igama lakhe kunguShimeyi, indodana kaGera; wayehla enyuka ethuka inkosi.


U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wayesethi enkosini: “Le nja efileyo iyithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye kuyo ngiyinqume ikhanda.”


Wena Nkulunkulu, Sihlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.


“Awunakumthuka uNkulunkulu, noma uqalekise umholi wabantu bakini.


Ogcotshiweyo kaSimakade, ongukuphila nomphefumulo wethu, wakhalakathela emigodini yabo, esathi ngaye: “Uyoba ngumthunzi wethu wokukhosela phakathi kwezizwe.”


Wayesethi kubantu bakhe: “Akufanele neze, Simakade ukuba ngenze into enjengale enkosini yami, ogcotshiweyo kaSimakade, ngimbulale, ngokuba ungogcotshiweyo kaSimakade.”


UDavide wathi ku-Abhishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelula isandla sakhe amelane nogcotshiweyo kaSimakade, angabi nacala na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka