Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 19:18 - IsiZulu 2020

18 Kwawela isikebhe sokuweza abendlu yenkosi, okuyisenzo esaba sihle emehlweni ayo. UShimeyi, indodana kaGera, wakhothama wathi mbo phansi ngobuso phambi kwenkosi, ngesikhathi iwela iJordani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kwawela isikebhe sokuwelisa abendlu yenkosi nokwenza okwakukuhle emehlweni ayo. UShimeyi indodana kaGera wawela phansi phambi kwenkosi isiyakuliwela iJordani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Khona-ke kwagibela umkhumbi ukuze kudluliswe indlu yenkosi futhi yenze lokho ekubona kufanele. USimeyi indodana kaGera wawela phansi phambi kwenkosi ekuweleni kwayo iJordani;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 19:18
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Weza nabantu abayinkulungwane bakwaBhenjamini, uZiba, inceku yendlu kaSawule, amadodana akhe ali-15, nezinceku zakhe ezingama-20, bashesha bafika eJordani phambi kwenkosi.


Wathi enkosini: “Inkosi yami mayingangibeki icala, futhi ingakukhumbuli okubi okwenziwa yinceku yakho ngosuku inkosi yami, inkosi, iphuma eJerusalema, sengathi inkosi ingekubeke enhliziyweni yayo.


Wayesethi uMefibhoshethi enkosini: “Makathathe konke, njengoba inkosi yami, inkosi, isibuyele esigodlweni sayo ngokuthula.”


Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuze indodana yenkosi yakho ibe nokudla, kodwa uMefibhoshethi, indodana yenkosi yakho, uyakudla njalo etafuleni lami.” UZiba wayenamadodana ali-15 nezinceku ezingama-20.


Kwakukhona endlini kaSawule inceku egama layo linguZiba; bambiza ukuba aye kuDavide. Inkosi yathi kuye: “UnguZiba yini na?” Wathi: “Inceku yakho inguye.”


“Bheka, ungakuwe uShimeyi, indodana kaGera wakwaBhenjamini waseBhahurimi, owangithuka ngendlela ebuhlungu mhla ngiya eMahanayimi. Kepha wehla wangihlangabeza ngaseJordani, ngase ngifunga kuye phamabi kukaSimakade, ngathi: ‘Angiyukukubulala ngenkemba.’


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ubukhulu bemisebenzi yakho! Ngenxa yobukhulu bamandla akho, izitha zakho ziyothoba phansi kwakho.


Abazonda uSimakade bayakuzithoba kuye, ukubhujiswa kwabo kube phakade.


Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuSimakade na? Qha, akunjalo; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo, nakuyo yonke indlu kababa, ngokuba inceku yakho ibingazi lutho mpela ngalokhu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka