Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 17:2 - IsiZulu 2020

2 Ngizomfica ekhathele, nezandla zakhe zingenamandla, ngizomthelekela, abantu bonke abanaye babaleke, bese ngibulala inkosi, yona nje kuphela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngimfikele ekhathele, eyethile, ngimesabise; bonke abantu abanye bayakubaleka, ngibulale inkosi kuphela,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngiyakumfikela ediniwe, ebuthakathaka isandla, ngimethuse; bonke abantu abanaye bayakubaleka; futhi ngizoyinqoba inkosi kuphela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 17:2
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi, nabo bonke abantu eyayihamba nabo, bafika eJordani bekhathele; yafike yathi gozololo lapho, yahlumeleleka.


U-Ahithofeli wathi ku-Absalomu: “Ake ngiqoke amadoda ayizi-12 000, ngizosuka ngimlandele uDavide ngabo bona lobu busuku.


Inkosi yase-Aramu yayizidonse ngendlebe izinduna zayo ezingama-32, yathi: “Ningalwi namuntu noma ngomncane noma ngomdala, kodwa nenkosi yakwa-Israyeli kuphela.”


Ungabaxoleli izono zabo, necala labo ungalesuli phambi kwakho, ngokuba bakwedelele phambi kwabakhi.”


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Kepha abalimi, beyibona indodana yakhe, bakhuluma bodwa, bathi: ‘Le yindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.’


UJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke,’


futhi aniboni ukuthi kungcono kini ukuba umuntu oyedwa afele abantu, ukuze isizwe sonke singabhubhi.”


ukuthi wakuhlangabeza endleleni, wakuhlasela kanjani ngasemuva, ebulala bonke ababebuthakathaka bekhathele, betotoba emva kwakho; akazange amesabe uSimakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka