Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 15:18 - IsiZulu 2020

18 Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe nawo wonke amaKherethi, nawo wonke amaPhelethi, nawo wonke amaGithi, abantu abangama-600, ababeyilandela besuka eGathi, bedlula phambi kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe kanye nawo onke amaKhereti nawo onke amaPheleti; nawo onke amaGiti, abantu abangamakhulu ayisithupha, ayeyilandela esuka eGati, adlula phambi kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Zonke izinceku zakhe zahamba eceleni kwakhe; wonke amaKreti, nawo onke amaPheleti, nawo onke amaGati, amadoda angamakhulu ayisithupha amlandela evela eGati, awela phambi kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 15:18
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yaphuma-ke inkosi, bonke abantu beyilandela; bama ngasendlini yokugcina.


UDavide wabehlukanisa amaqembu amathathu: elokuqala laliphethwe nguJowabe, elesibili liholwa ngu-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, elokugcina liphethwe ngu-Ithayi, umGithi. Inkosi yathi kubantu: “Nami impela ngizophuma nani.”


UJowabe wayesengumkhuzi wayo yonke impi yakwa-Israyeli. UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayengamele amaKherethi namaPhelethi.


Walandelwa ngamadoda kaJowabe, amaKherethi, amaPhelethi nawo wonke amaqhawe. Baphuma eJerusalema ukuba bamxoshe uSheba, indodana kaBhikhiri.


Ngakho-ke uDavide akavumanga ukuba umphongolo kaSimakade ulethwe kuye, emzini kaDavide, kodwa wawuchezukisa umphongolo kaSimakade, wawuyisa endlini ka-Obhede Edomi, umGithi.


uBhenaya, indodana kaJehoyada, engamele amaKherethi namaPhelethi; amadodana kaDavide engabaphristi.


UZadoki umphristi, uNathani umphrofethi, uBhenaya, indodana kaJehoyada, amaKherethi namaPhelethi behla, bamgibelisa uSolomoni emnyuzini wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.


UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayengamele amaKherethi namaPhelethi; amadodana kaDavide ayesondele, engawokuqala ngasenkosini.


Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangama-600, baphuma eKheyila, basabalala. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKheyila; wayeseyeka ukuya lapho.


UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe. Kwakhuphuka abantu kungathi abangama-400 belandela uDavide, kwathi abangama-200 basala nempahla.


UDavide wahlala no-Akhishi eGathi, yena nabantu bakhe, kwaba yilowo nalowo nabendlu yakhe, uDavide nomkakhe ababili, u-Ahinohama waseJizreyeli no-Abhigayili waseKharimeli, umkaNabali.


Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGathi; akabe esamfuna futhi.


Kwathi ngosuku lwesithathu lapho uDavide nabantu bakhe befika eZikilagi, bathola ukuthi ama-Amaleki ayehlasele eNegevu naseZikilagi, alinqoba, alishisa ngomlilo.


Sasihlasele ngaseNegevu eKherethi, nakwaJuda, naseningizimu kaKhalebhu, salishisa ngomlilo iZikilagi, langqongqa.”


UDavide wahamba nabantu abangama-600 ababenaye, waze wafika emfudlaneni iBhesori, lapho kwakukhona insali.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka