Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 14:2 - IsiZulu 2020

2 UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke inzilo, ungazigcobi ngamafutha, ube njengowesifazane oselile izinsuku eziningi elilela ofileyo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke izingubo zokulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane oselilele ofileyo izinsuku eziningi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Zinike izingubo zokulila, wembathe ukulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane olilela ofileyo isikhathi eside;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 14:2
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UThamari wasuka lapho, wabuyela ekhaya, wayisusa imvakazi, wagqoka inzilo yakhe.


Umka-Uriya wezwa ukuthi u-Uriya indoda yakhe ufile. Wamlilela umyeni wakhe.


UDavide wayesesukuma emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaSimakade wakhothama, wakhuleka. Wayeseya endlini yakhe wacela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla.


Kwase kumemeza owesifazane ohlakaniphileyo emzini, wathi: “Lalelani! Lalelani! Yishoni kuJowabe nithi: ‘Sondela lapho ukuba ngikhulume nawe.’ ”


uHelezi wasePhalithi, u-Ira, indodana ka-Ikeshi waseThekowa,


UJerobhowamu wathi kumkakhe: “Ake usukume, uzifihle, ukuze ungabonakali ukuthi ungumkami; hamba uye eShilo; lapho kunomphrofethi u-Ahiya owangitshela ukuthi ngizokuba yinkosi phezu kwalaba bantu.


USimakade wayeshilo ku-Ahiya, wathi: “UmkaJerobhowamu uyeza kuwe ukuzothola izwi mayelana nendodana yakhe egulayo. Uyokhuluma kuye kanje nakanje, ngoba uyofika azishaye omunye umuntu.”


Wakha iBhethlehema, i-Ethamu, iThekhowa,


Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane eThekhowa. Ngesikhathi bephuma, uJehoshafathi wasukuma, wathi: “Ngilaleleni, Juda nani zakhamuzi zaseJerusalema! Methembeni uSimakade uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa. Bethembeni abaphrofethi bakhe, niyakuphumelela.”


Ingxenye elandelayo esuka malungana nombhoshongo omkhulu oqaphe ithempeli kuze kuyofika eduze kodonga oluseduze ne-Ofeli, yakhiwa ngamadoda aseThekhowa. Lokho kwase kuyingxenye yawo yesibili.


Ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda aseThekhowa, kodwa abaholi bakulowo muzi benqaba ukwenza umsebenzi ababewunikwe ngabaphathi babo.


newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Izingubo zakho azihlale zimhlophe, nekhanda lakho lihlale ligcotshwe ngamafutha.


“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba.


Kepha, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho,


Geza, uziqhole ngamakha, ugqoke kahle bese wehla uye esibuyeni. Ungaqale uziveze kuye engakaqedi ukudla nokuphuza.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka