Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 13:23 - IsiZulu 2020

23 Kwathi sekwedlule iminyaka emibili yonke, abagundi bezimvu baka-Absalomu babeseBhali Hazori eliseduzane nakwa-Efrayimi, u-Absalomu wamema wonke amadodana enkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Kwathi emva kweminyaka emibili epheleleyo u-Abisalomu wayenabagundi bezimvu eBali Hasori eliseduze no-Efrayimi; u-Abisalomu wamema onke amadodana enkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kwathi emva kweminyaka emibili egcweleyo u-Abisalomu wayenabagundi bezimvu eBali Hazori eliseduze no-Efrayimi; u-Abisalomu wamema wonke amadodana enkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 13:23
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULabani wayengekho eyogunda izimvu zakhe, uRaheli wantshontsha onkulunkulu bakayise.


U-Absalomu waya enkosini wafike wathi: “Inceku yakho inabagundi, iyacela ukuba nenkosi ize nezinceku zayo.”


Uhlabe izinkabi, amathole akhuluphalisiweyo, nezimvu okuningi, wamema wonke amadodana enkosi, u-Abhiyathara umphristi, uJowabe umkhuzi wempi, kodwa uSolomoni, inceku yakho, akazange ammeme.


Phela wehlile namuhla ukuba ahlabe izinkabi, amathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi; umeme onke amadodana enkosi, abakhuzi bempi, no-Abhiyathara umphristi; bheka, bayadla, bayaphuza phambi kwakhe, bathi: ‘Mana njalo, nkosi Adoniya.’


U-Adoniya wahlaba izimvu, izinkabi namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni eZohelethi, eceleni kwe-Eni Rogeli. Wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, abantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi,


UMesha, inkosi yakwaMowabi, wayengumfuyi wezimvu, wathela enkosini yakwa-Israyeli ngoboya bamawundlu ayizi-100 000 nobezinqama eziyizi-100 000.


Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imithombo yamanzi eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi ehlanzeni nasethafeni; wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKharmeli, ngoba wayengothanda umhlabathi.


Kwakukhona umuntu eMahoni owayenemfuyo eKharmeli. Lowo muntu wayecebe kakhulu, enezimvu eziyizi-3 000 nezimbuzi eziyi-1 000. Izimvu zakhe wayezigundela eKharmeli.


U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.


UDavide esesehlane wezwa ukuthi uNabali ugunda izimvu zakhe.


“ ‘Manje ngizwile ukuthi unabagundi bakho lapho. Abelusi bakho bebenathi, asibalimazanga, abalahlekelwanga yilutho ngazo zonke izinsuku beseKharmeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka