Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 12:9 - IsiZulu 2020

9 Kungani wedelele izwi likaSimakade, wenza okubi emehlweni akhe na? Ubulele ngenkemba u-Uriya, umHithi, wathatha umkakhe wamenza umkakho. Wambulala ngenkemba yabakwa-Amoni,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Udeleleleni izwi likaJehova ukuba wenze okubi emehlweni akhe na? Ubulele u-Uriya umHeti ngenkemba, wathatha umkakhe abe ngumkakho, wambulala ngenkemba yabantwana bakwa-Amoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kungani udelele umyalo kaJehova ukuba wenze okubi emehlweni akhe na? wambulala u-Uriya umHeti ngenkemba, wathatha umkakhe waba ngumkakhe, wambulala ngenkemba yabantwana bakwa-Amoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 12:9
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wathumela izithunywa ukuba zimlande, wafika kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile ekungcoleni kwakhe, wayesebuyela ekhaya.


ngakho-ke inkemba ayiyukusuka endlini yakho kuze kube phakade, ngokuba ungedelele, wathatha umka-Uriya, umHithi, waba ngumkakho.’


UShimeyi wathi lapho ethuka uDavide: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu ongelutho!


Lokhu wakwenza ngokuba uDavide weyenze okulungile emehlweni kaSimakade; akaphambukanga kukho konke ayemyale ngakho zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ngaphandle nje kodaba luka-Uriya, umHithi.


Uyakuthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: ubulele, wadla isivini, na?’ Bese ukhuluma kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNabothi, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.’ ”


Wawadabulisa amadodana akhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo wabuye wavumela abanamadlozi nabathakathi, wenza nokunye okubi okuningi phambi kukaSimakade, waze wachukuluza ulaka lukaSimakade.


Nkulunkulu, ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu wensindiso yami, yikhona ulimi lwami luzohuba ngokulunga kwakho.


Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo, noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayukuthokoza ngawo.


Ngonile kuwe, kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho. Wena ulungile nxa wehlulela, futhi kucacile ukwehlulela kwakho.


Amacala ethu uwabeke phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho.


Ohamba ngobuqotho uyamesaba uSimakade, kodwa ozindlela zakhe zigwegile uyamedelela.


Njengamalangabi ekhotha amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika kuwo, impande yabo iyofana nokubola, nembali yabo ibe njengothuli; iyakuthuquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade Wamabandla, baledelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.


nokho uma senza okubi emehlweni ami, singalilaleli izwi lami, ngiyakuyeka ukusenzela okuhle ebengithe ngiyakusenzela khona.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwaJuda, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade, bangazigcina izimiso zakhe, amanga abo abadukisa, abawalandela nokhokho babo.


Awulalelanga ngani izwi likaSimakade? Kungani uphuthume wathatha impango, wenza okubi emehlweni kaSimakade na?”


Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nobubi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaSimakade, naye ukulahlile, awusezukuba yinkosi.”


USamuweli wathi kuSawule: “Angiyukuhamba nawe, ngokuba uledelele izwi likaSimakade, noSimakade ukulahlile, awuseyukuba yinkosi ebusa u-Israyeli.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka