Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 10:8 - IsiZulu 2020

8 Abakwa-Amoni baphuma, bahlela impi esikhaleni sesango; ama-Aramu aseZobha naseRehobhe, namadoda aseThobhi, nawaseMahakha babebodwa endle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ngasesikhaleni sesango; ama-Aramu aseSoba naseRehobe, nabantu baseThobi, nabaseMahakha babebodwa endle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ekungeneni kwesango; ama-Aramu aseSoba, naseRehobe, naseJistobi, naseMahaga ayeyedwa endle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 10:8
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000.


UDavide esekuzwile lokho wathumela uJowabe nawo wonke amabutho ayengamaqhawe.


UJowabe wabona ukuthi izimpondo zempi zimzungeze nxazonke, wakhetha amabutho kuwo wonke ayekhethwe kwa-Israyeli, wawathuma ukuba ayokulwa nama-Aramu.


u-Elifelethi, indodana ka-Ahashibhayi, indodana yomMahakha, u-Eliyamu, indodana ka-Ahithofeli waseGilo,


Ngesikhathi uDavide ebabulala, waziqoqela abantu, wayeseba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku.


Baqasha izinqola eziyizi-32 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo beza bakanisa phambi kweMedebha. Abakwa-Amoni babuthana bephuma emizini yabo; beza ukuzokulwa.


Abakwa-Amoni baphuma bayihlela impi yabo belungela ukulwa ngasesangweni lomuzi, kepha amakhosi ayefikile ayewodwa endle.


zaya kuGedaliya eMizpha: kwakungu-Ishmayeli indodana kaNethaniya, uJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, uSeraya indodana kaThanihumethi, amadodana ka-Efayi waseNethofa, uJezaniya indodana kaMahakhi, bona nabantu babo.


Bahamba-ke, balihlola izwe kusukela ehlane iSini kuze kube seRehobhe ngasekungeneni eHamathi.


e-Ebhironi, eRehobhi, eHamoni, eKhana, uze uyofika eSidoni Elikhulu,


U-Asheri akazixoshanga izakhamuzi zase-Akho, ezaseSidoni, ezase-Ahelabhi, ezase-Akhizibhi, ezaseHelibha, ezase-Afiki nezaseRehobhi,


UJeftha wayesebaleka kubafowabo, wahlala eThobi. UJeftha wazungezwa yizephulamthetho ayephuma ahlasele nazo.


Kwathi lapho abakwa-Amoni belwa nabakwa-Israyeli, amalunga akwaGileyadi ahamba ukuyolanda uJeftha eThobi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka