Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 kuThimothewu 3:8 - IsiZulu 2020

8 Njengokuba uJane noJambre bamelana noMose, kanjalo nalaba bamelana neqiniso, bangabantu abangqondo yabo yonakele, abehlulekayo ekukholweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 NjengoJane noJambre bamelana noMose, kanjalo laba bamelana neqiniso, abantu abonakele ingqondo, abehluleka enkolweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Njengoba uJane loJambre bamelana loMozisi, ngokunjalo laba bamelana leqiniso, abantu abalengqondo eyonakeleyo, abalamandla ekukholweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Njengoba uJane loJambre bamelana loMozisi, ngokunjalo laba bamelana leqiniso, abantu abalengqondo eyonakeleyo, abalamandla ekukholweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 kuThimothewu 3:8
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo.


Kepha nosomlingo baseGibhithe nabo, ngemilingo yabo, benza into efanayo, ngakho-ke inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akavumanga ukubadedela, njengalokhu uSimakade ayeshilo.


Osomlingo ngemilingo yabo bazama ukuveza omiyane, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Omiyane bahlasela abantu nezilwane.


Kepha nosomlingo benza kanjalo ngemilingo yabo, bakhuphulela amasele eGibhithe.


Sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathaze ngamazwi, balimaza imiphefumulo yenu, esingabathumanga ukuba bakwenze.


Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.


ngokuba abanjalo abayizo izikhonzi zeNkosi yethu uKhristu, kepha bakhonza isisu sabo; kuthi ngamazwi ashelelayo nathophayo badukise izinhliziyo zabangenacala.


ukuze singabe sisaba yizingane, siphonswa le nale ngamagagasi, sipheshulwa yinoma yimuphi umoya wemfundiso ngokukhohlisa kwabantu nangobuqili obunamacebo adukisayo.


unokukholwa nonembeza omuhle, abanye abakulahlile, bafelwa ngumkhumbi wabo wokukholwa,


ngenxa yobumbulu babaqambimanga, abashiswe uphawu kunembeza wabo.


ukuxabana okungapheliyo kwabantu abangqondo yabo yonakalisiwe, futhi abaphucwe iqiniso, abathi ukuzenzela inzuzo kungubuNkulunkulu.


Nawe-ke umxwaye, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.


Ngokuba baningi abamelene neqiniso, abakhuluma okuyize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka,


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.


Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo.


Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokhu nezwa ukuthi uyeza umphikukhristu; namanje-ke sekukhona abaphika uKhristu abaningi, ngalokho sesiyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.


Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa bahloleni omoya ukuthi ngabe bangabakaNkulunkulu yini. Ngokuba baningi abaphrofethi bamanga abaphumele ezweni.


“ ‘Kepha enginakho okungihluphayo ngawe, ukuthi uvumela owesifazane uJezebheli, lo ozibiza ngomphrofethikazi, ukuba afundise, adukise izinceku zami ukuze zifebe, futhi zidle okuhlatshelwe izithombe.


Kepha okuhle ngawe yilokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikholawu, engiyizondayo nami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka